Sekusemome uKelly Khumalo ‘ayofel’empini’ enkantolo ngolukaMeyiwa

uKelly
UKelly Khumalo noSenzo Meyiwa ngezikhathi zobumnandi
Sihle Ndlovu

Sekusemome ukuthi uKelly Khumalo avele enkantolo ayozichazela yena mayelana nokudlula emhlabeni kukanozinti wesizwe, uSenzo Meyiwa.

Icala liyaqhubeka enkantolo enkulu ePitoli futhi alishoni ilanga lingavelanga igama likaKelly. UMeyiwa wayethandana naye uKelly ngesikhathi edutshulwa ebulawa eVooslorus (kuboka kaKelly), ngo-Okthoba 26 ka-2014.

NgoLwesithathu ummeli womsolwa wesihlanu kuleli cala, uZandile Mshololo, ucele ukuthi anikwe isikhashana sokufunda nokucubungula kahle idokodo lesibili alithole ekuseni okokuqala.

Okuphawulekayo ukuthi kunedokodo elavulwa ngo-2014, bese kube khona elavulwa ngo-2019.

Leli lango-2019 liveza ukuthi uMeyiwa wadutshulwa omunye walabo ababesendlini. Elango-2014 lithi kwangena izigebengu zizogcweleza kwase kudubuleka uMeyiwa owayedlalela i-Orlando Pirates neBafana Bafana.

“Ngilithole manje ekuseni (ngoLwesithathu) idokodo lesibili kanti ngifuna ukuzinika isikhathi esikahle sokulifunda ukuze ngihlele kahle nomuntu engimumele,” kusho uMshololo.

Njengamanje kunabahlanu ababekwe icala lokubulala uMeyiwa kodwa ngokwedokodo lesibili akumele babe laphaya ePitoli.

FUNDA NALA: Uthembisa ibhola elihle elihambisana nemiphumela uTembo kwiSekhukhune

“Ngifuna ukubhekisisa okushiwo lapha ukuthi kumele kuvele enkantolo laba abalandelayo. UKelly Khumalo, uLongwe Thwala, uNtombifuthi Khumalo (umama kaKelly), uZandi Khumalo, uTumelo Madlala, uMthokozis Thwala noMaggie Phiri.

“Ngokusho kokubhalwe lapha laba abayisikhombisa kumele babekwe icala baphinde bavele enkantolo ngokuba nesandla ekuphezamiseni ukuphenywa kwecala,” kuchaza uMshololo.

Lo mmeli uthe uyamangala ukuthi kungani le mininingwane ayithole ngoLwesithathu ingafinyelelanga kuyena ngaphambi kokuthi kuqalwe ukuqulwa kwecala.

Uma uMshololo ephumelela ukushintsha izinto kuleli cala, uKelly nalaba abayisithupha bazophoqeleka ukuvela enkantolo nomake baboshwe uma bengazifikeli bona.

njengamanje ubukeka esondele kakhulu ekuyokhuluma konke enkantolo uKelly osekhuluma waqephuzu kwabezindaba. Njengokusho kwesihloko sengoma yakhe kuzomele Ayofela Empini.

Icala lihlehliselwe uMsombuluko wangoJuni 13 ukuze bonke abathintekayo bahlangane banqume ukuthi iyiphi indlela eya phambili. Impempe izolokhu ilandela bese iphohlozela abafundi bayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.