Sekushoda abambalwa kuphelele izinongo zomhluzi ophekwa yi-Chiefs

Sekushoda abambalwa kuphelele izinongo zomhluzi ophekwa yi-Chiefs
UBongani Zungu, Keagan Dolly noKhama Billiat abangase baphinde bahlangane eNaturena
Sihle Ndlovu

UBongani “Ben 10” Zungu, okunemibiko yokuthi wabadlali bokugcina abazovumbuka kwiKaizer Chiefs, angase enze abalandeli baleli qembu baklolode njengamapikoko ngaphambi kwesizini entsha.

Bavele sebeqalile ukushayela phezulu abalandeli baMakhosi njengoba leli qembu lisanda kwethula abadlali abashayisishiyagalombili.

Ukufika kukaZungu kungasho ukwengeza usawoti emhluzini osuvele unambitheka kamnandi ophekwa uKaizer Motaung Junior nethimba lakhe ngokubambisana no-Arthur “10111” Zwane, ongumqeqeshi.

Kuyinto eseyaziwayo ukuthi izintambo sezibanjwe uMotaung Junior kwi-Chiefs, akasenamandla atheni umnewabo, uBobby Motaung, ekusayinisweni kwabadlali.

Njengamanje kubukeka sengathi kuzobonakala Amakhosi amasha nashintshile ngesizini ezayo, uma kubhekwa abadlali abasayinisile.

Kulaba badlali sibala uSiyethemba Sithebe, uDillon Solomons (okungase kusuke umsindo ngaye), uKamohelo Mahlatsi, uLehlogonolo Matlou, u-Ashley du Preez, uZitha Kwinika, uMduduzi Shabalala, noYusuf Maart.

Okulindelekile manje ukuthi ngabe uZungu uzogcina efikile yini kwiChiefs ukuze azoqedela lokhu okujabulisa abalandeli bayo ekwenzekayo njengamanje eNaturena.

Awangatshwazwa amava alo mdlali weBafana Bafana odlale kahle kwiMamelodi Sundowns ngaphambi kokulibhekisa eFrance kwiVictoria Guimaraesi.

Nokho izindaba ezimnandi ezithi usanda kulishiya iqembu laseFrance abesedlala kulona, i-Amiens, ngakho angajoyina noma yiliphi alithandayo.

Kuyaziwa ukuthi Amakhosi awabhali ecisha kubadlali abasuke belahlile bengenazinkontileka.

FUNDA NALA: UMaMkhize ubhodla umlilo ngokuhanjiswa kukaMaduka engatshelwanga

Ukuthola uZungu kweChiefs kungayiqinisa kakhulu njengoba kukhona nabanye abadlali abanamava abafana noKeagan Dolly, uKhama Billiat no-Alexander Cole.

Omunye umdlali omataniswa neChiefs, ongase enze abalandeli bayo baklolode kuze kweqe, uKobamelo Kodisang odlalela iBragga yasePortugal.

Kuvela ukuthi kade zaqala izingxoxo nabaphathi balo mdlali kanti Amakhosi angase egcine emtholile.

NoThabo Cele odlala kwiBafana Bafana naye angase agcine evumile ukuzodlala kuleli qembu laseNaturena.

Ngabe iChiefs izononga kubadlali ebasayinisile ngokuletha uBen 10 eNaturena? Konke kuzocaca ngobusuku lapho Amakhosi engase azume khona abalandeli esemethula njonga esezenza ebusuka izinto zaseNaturena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.