Sekushoda athole isixazululo seyamagoli uJose Riveiro kwiBucs

Sekushoda athole isixazululo seyamagoli uJose Riveiro kwiBucs
UZakhele Lepasa

 

Kubonakala umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro esesitholile isixazululo senkinga yokuvuza emuva obekukhinyabeza leli qembu kumasizini edlule.

Manje sekumele lo mqeqeshi odabuka eSpain athole isixazululo sokugqoza kwamagoli. IPirates iyawakha amathuba kodwa ingawasebenzisi.

Yingakho emdlalweni wayo wokugcina kwiDStv Premiership kwajatshulwa sengathi umengameli wezwe umemezele ukuthi uKhisimuzi ngakusasa ngesikhathi uZakhele Lepasa eshaya amagoli amabili.

Emdlalweni odlule, iPirates idlale ibhola elihle elihlaselayo kodwa yehluleka nje ukushaya igoli. Kodwa ke mhlawumbe kulokho kumele kunconywe unozinti weMamelodi Sundowns.

URonwen WIlliams uvimbe amabhola amahle ePirates obekumele amudle amanye wasizwa inhlanhla ezishayisa epalini.

Nokho ukubona uKermit Erasmus engena ekhombisa ukungenqeni ukukhahlelela ipali kuzobanikeza ithemba lokuthi kuyantwela ezansi abalandeli.

UJose Riveiro uthe ujabule ngokuthi bavala kahle emuva kodwa usefuna babe bukhali naphambili ngoba ufuna bawine, kusukela emdlalweni wabo neSekhukhune United.

IPirates izogabavula neSekhukhune ePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngoLwesithathu ngo-5 ntambama.

“Sinemidlalo emine yeligi okumele siyidlale futhi amehlo ethu asebheke kuyo,” kusho uRiveiro ngemuva kokubambana neSundowns.

“Sizobhekana neSekhukhune futhi sifuna ukuwina ngoba sifuna ukunciphisa igebe (phakathi kwabo neSundowns) ngoba nathi sinezifiso ezinkulu.

“Sinemidlalo emine yeligi ngaphambi kowomlenze wesibili kwiMTN8. Kunamaphuzu angu-12 okumele siwadlalele kule nyanga ngakho kuzoshuba kakhulu.

“Asifuni ukuzikhohlisa ngokuthi sikuphi ngokwezinga. Njengamanje izingqondo sesizibeke kwiligi ngokugcwele.

“Kodwa ke indlela esidlale ngayo sibhekene neSundowns izosisiza ukuya phambili,” kusho lo mqeqeshi owafika kuleli engatshazwa.

FUNDA NALA: Kubhikishe abadlali kweleChampionship kumiswa umqeqeshi

“Senza kahle okwamanje hhayi ngoba singangenelwa amagoli, kodwa asiziniki izitha amathuba okushaya amagoli.

“Yilelo isomesibuka ngalo isimo njengamanje futhi senza kahle kuleyo ngxenye yokudlala kwethu, senza kahle impela,” kusho uRiveiro.

URiveiro uphinde waqala ngoLepasa kanti u-Erasmus yena usebhentshini. ULepasa naye ukhombise ukuthi uvukile bebhekene neSundowns.

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *