Sekushoda ilungise phambili iPirates ebambane neSuperSport

Sekushoda ilungise phambili iPirates ebambane neSuperSport
UThembinkosi Lorch we-Orlando Pirates uphume eselimele kulo mdlalo
Sbongs Gumbi

Iqede umdlalo ingasaphelele i-Orlando Pirates yize kungekho mdlali wayo okhishwe ngekhadi elibomvu emdlalweni weDStv Premiership la ibambane khona neSuperSport United ngo 0-0.

Lokhu kwenziwe wukuthi uThembinkosi Lorch ulimale seyiwuqedile uphawini wayo wokushintsha abadlali kulo mdllao obuseLucas Moripe Stadium ngeSonto ntambama.

ULOrch ulimale ngemuva kokushayisana noThatayaone Dothlokwe weSuperSport, wathinteka kabana edolweni.

Yize ingawatholanga wonke amaphuzu iPirates, kodwa cishe kuthe cosololo kubalandeli bayo uma bebuka indlela edlale ngayo.

IPirates idlale cishe kahle kunayo yonke imidlalo esayidlalile kule sizini njengoba iwulawule uqala umdlalo. Namathuba beyiwakha kodwa ihluleke ukuwasebenzisa.

Mhlawumbe bekuyiSuperSport okumele inconywe ngokuvala kahle emuva obekwenza iPirates ingazitholi izikhala zokungena ebhokisini layo.

Kuze kwayiwa ekhefini zisabambene yize iPirates bekumele ngabe ibisilitholile igoli. Bekugqama ukungaxhumani kahle komgadli uBienvenu Eva Nga nabadlali abahlaselayo bePirates.

Lokhu bekwenza abalandeli beze begcine sebemcasukela uNga bebona sengathi nguyena odembeselayo. Nokho udlale kangcono esiwombeni sesibili.

Kodwa ubuye wakhishwa kwangena uZakhele Lepasa endaweni yakhe. Naye ufike wahluleka ukuthola ukhiye wokuvula udonga lwasemuva lweSuperSport.

FUNDA NALA: Iphinde yaqhamuka seliyoshona iThwihli Thwahla ibambana neGallants

Ithuba cishe elihle kunawo wonke kulo mdlalo liwele uThamsanqa Gabuza. Uzithole esebhekene nepali lePirates kodwa wavele waligeja nhlobo ibhola.

Bese kusele imizuzu eyisikhombisa ngesikhathi ethola leli thuba uGabuza futhi ukube ulisebenzisile, nakanjani iSuperSport beyiyiwagcina wonke amaphuzu.

Ukubambana kwalamaqembu mhlawumbe wumphumela omuhle kwazise womabili amaqembu asebenzile.

Lo mphumela uyisusile emsileni iSuperSport wayibeka endaweni ka-14 yize ngokwamaphuzu ilingana neGolden Arrows neCape Town City abangemuva kwayo.

Womathathu lamaqembu anamaphuzu amabili. IPirates yona inyukele endaweni yesithathu la inamaphuzu ayisishiyagalombili khona.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *