Sekuvele kwashuba kunqwamana iSundowns nezikaPitso, iChiefs iqhathwe kangcono

UManqoba Mngqithi noRulani Mokwena

OKADONGA GUMBI

Sekuvele kwasheshe kwashuba kwiMamelodi Sundowns kwiCaf Champions League njengoba seyiqhathwe nompetha abavikela le ndebe, i-Al Ahly emzuliswaneni womkhumulajezi.

Okuyisinongo esikhulu ngalo mdlalo wukuthi i-Ahly iphekwa nguPitso Mosimane obeqeqesha iSundowns ngesizini edlule.

Cishe baningi abebewuhalela lo mdlalo kodwa kubukeka usheshe wenzeka kwazise womabili lamaqembu ayasatshwa futhi abhekiwe ezicocweni.

Nokho eyodwa kulezi zinkunzi seyizoliwasha ijezi, bese iphinde izame ngesizini ezayo. Kuzosinda kakhulu kuwo womabili amathimba abaqeqeshi.

Umsebenzi kaMosimane kungenzeka uncike ekutheni uyadlula yini kuleli qembu lakhe lakudala.

Phela i-Ahly iyaziwa ukuthi ayifuni ukuphendulwa iminqolo isheshe ikhishwe kulo mqhudelwano esiwunqobe kaningi.

Kungenzeka azothole esengunantunta nendishi uma engase ahluleke wukushaya ezakhe zakudala.

IKaizer Chiefs yona iqhathwe neqembu elibukeka lingconywana kulawa amathathu ebinganikwa wona.

Bekingenzeka itholane phezulu neMasandawana noma i-Esperance yaseTunisia kodwa yathola iSimba SC yaseTanzania.

Nokho akuwona umdlalo olulaona kwazise iSimba ikhula ngendlela eyisimanga ebholeni lamazwe ngamazwe.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.