Sekuyazwela ukuthothana kwemidlalo kwiCallies

UMpho Maruping

OKADONGA GUMBI

Ukugijima imizuzu engaphezu kuka-120 ngempelasonto edlule, bese kuthi zinsukwini ezintathu ukusuka lapho ube sewukomunye umdlalo sekuthanda ukusinda kwiPretoria Callies, ngokusho kwesekela lo mqeqeshi uMpho Maruping.

Uthi yize bengeke bakhale ngalokhu kwazise yinto eyenzeka kuwo wonke amaqembu adlala ezigabeni zePremier Soccer League (PSL) kule sizini, kodwa sekuyazwela.

ICallies, engomakoti kwiGladAfrica Championship njengoba yenyukele kulesi sigaba ekuqaleni kwesizini, isayibambe kahle nokho.

Ihleli endaweni yeshumi ngamaphuzu angu-22, kanti indlela edlala ngayo yethembisa ukuthi isazonyuka.

“Bekuyiviki elingelula kithi kwazise besidlala ngeSonto neCape Town All Stars emdlalweni weNedbank Cup, umdlalo waya esikhathini esengeziwe,” kusho uMaruping oyiphini likamakadebona onguSammy Troughton.

“Sisuke lapho saya ngqo eThekwini, sadlula sayidlala neRichards Bay ngoLwesithathu, emdlalweni engibone sengathi besifanelwe ukudlala ngokulingana noma siwunqobe.

“Kodwa ukunganaki ngasekupheleni komdlalo kwenze sangenelwa yigoli.

“Angizami ukubeka izaba, kodwa bathole ithuba elilodwa balisebenzisa,” kuqhuba yena.

USiyabonga Vilane ulishaye sekubalwa imizuzu umdlalo uphele igoli eliqinisekisele iNatal Rich Boys amaphuzu amathathu.

ICallies nokho seyidlulile lapho njengoba amehlo seyiwabeke kuThongathi abazobhekana nalo ngoMgqibelo ntambama.

“Manje sesibheke umdlalo wangoMgqibelo noThongathi, ngeke kube lula ngoba basanda kungena emgqigqweni omuhle, baqoqe amaphuzu amane emidlalweni emibili edlule.

“Kodwa sizosebenza kanzima. Ngeke sikhale ngalutho ngoba wonke amaqembu adlala imidlalo elandelana eduze njengathi.

“Asikho isikhathi sokuzilolonga phakathi kwemidlalo, kuba wukuzama ukwelula imizimba nje bese kubuyelwa khona.

“Ngijabule ngendlela abadlali abazinikele ngayo, futhi sizowulwela umphumela,” kusho uMaruping.

Imidlalo yeGladAfrica Championship

NgoMgqibelo: JDR Stars v TS Sporting; Jomo Cosmos v Polokwane City; Steenberg United v Sekhukhune United; Uthongathi FC v Pretoria Callies; Bizana Pondo Chiefs v Royal AM

NgeSonto: Cape Town All Stars v University of Pretoria; Free State Stars v Cape United; Richards Bay v Cape Town Spurs.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.