Sekuyesinda kwiSundowns ekhunjuzwe iPetro ukuthi iyashayeka

Sekuyesinda kwiSundowns ekhunjuswe iPetro ukuthi iyashayeka
OkaDonga Gumbi

Isithanda ukuqansa indlela yeMamelodi Sundowns kwiCaf Champions League kulandela ukushaywa kwayo iPetro de Luanda eNovember 11 Stadium e-Angola ngoMgqibelo kusihlwa.

IPetro iyishaye ngo 2-1 iSundowns kulo mdlalo okwenza izinto zivune yona yize kusenomlenze wesibili ozodlalelwa kuleli.

Nokho kube nesigigaba engeke yename ngaso iSundowns esenzeke umdlalo usuphela. Ishaye igoli lokulinganisa kodwa labuye laphikwa.

ISundowns beyithole ibhola ngokulimaza umdlali wePetro ngaphambi kokuhlasela iyoshaya leli goli ebelishaywe uNeo Maema.

Leli qembu laseChloorkop sekomele liqinisekise ukuthi liyawina kuleli bese lingangenelwa goli.

Lokhu ke kuyoba wumsebenzi ngampela uma ubheka indlela leli qembu lase-Angoba ebeliyigijimisa ngayo.

ISundowns iwuqale ngendlela ebifisa ngawo lo mdlalo ithola igoli kusaphele imizuzu emihlanu nje vo uqalile.

Ibekelwe ibhola phansi kad ekudlaliswe kabi uThapelo Morena, kwaphakama uLyle Lakay wenza adume ngazo elibeka enethini.

Nokho leli goli libe seliyivusa iPetro ebe isiqala ivula izikhala odongeni lwasemuva lweSundowns, ihlanganisa iminyakazo emihle yokuhlasela.

FUNDA NALA: OwoSuthu usenethemba lokuqeda endaweni yesibili kulandela amawini alandelanayo

Kuthe ngomzuzu ka-16 yalithola elokulinganisa elishaywe ngukaputeni wayo uTiago Leal. Iqhubekile nokuhlasela kodwa yehluleke ukuwasebenzisa amathuba.

Kuthe sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini, yalithola elesibili iPetro nelishaywe ngu-Adriano Nicolau.

ISundowns ibuye seyingcono esiwombeni sesibili futhi bekumele ilithole igli sisanda kuqala, kodwakwala yona inhlanhla.

Yiyo ebisihlasela iphindelela kodwa ifike ingakwazi ukudlala amabhola afanele uma seyisondele epalini lePetro.

KUthe sekusele ngaphansi kwemizuzu engu-20, yajika iPetro yasuka emuva, yaqala nayo yahlasela futhi bekuvalwa amehlo uma seyisondela epalini likaDenis Onyango.

Kuthe kusele imizuzu angu-15 iPetro yalithola igolielishaywe nguLeal, kodwa kwasho ukuthi ubesesendaweni engamfanele.

Ngaphambi kwalokho iSundowns ibe nenhlanhla yokuthi amaphenathi angabekwa kwaze kwakabili abadlali bayo belithinta ngengalo ibhola besebhokisini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.