Sekuyezwela kuHunt ngokuncishwa kweChiefs amaphenathi

UGavin Hunt oqeqesha iKaizer Chiefs

SIHLE NDLOVU

Uyakhala ngokuncishwa kwabo amaphenathi umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt, iqembu lakhe elibambane neBaroka FC ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership, ngoLwesine.

Ubalisa nje uHunt, uSamir Nurkovic weChiefs uwiswe ebhokisini umdlalo usanda kuqala kodwa wathalalisa unompempe uVelaphi Sicelo. UNurkovic ubukeke ekeqiwe impela lapha.

“Kugcine kungu 1-1 kodwa bekumele siwuwine umdlalo. Ngicabanga ukuthi besiyiqembu elingcono kodwa uma uthola iphenathi ngesiwombe sokuqala kuyakusiza kakhulu. Asiwanikwa (amaphenathi) sekuyimidlalo emibili noma emithathu manje kulandelana kwenzeka lokho.

“Ngiphoxekile ngalokho ngoba yinto engakunika umgqigqo emdlalweni. Bekumele siwugoqe umdlalo ngoba sithole amathuba amabili amahle ngasekugcineni. Kule mizuzu engu-90 ngicabanga ukuthi besiyiqembu elingcono, nokho ibhola alihambi kanjalo,” kusho uHunt.

IChiefs kumele ibuye izigxeke yona ngokudedela igoli seliyoshona kulo mdlalo nokuyeka amanye amathuba abezoyenza ihambe phambili ngo 2-0.

“Lishayise kumdlali (ibhola eligcine liyigoli), bekumele singavumeli bagobe ibhola. Lishayise kumdlali langabe lisaya lapho beliya khona laqonda kumgadli. Lokho kuyaphoxa kodwa unjalo unobhutshuzwayo,” kubeka uHunt.

Okuhle angakujabulela uHunt ukuthi iChiefs sekunesikhathi yagcina ukushaywa yize kungayisizi kakhulu ukudlala imidlalo ngokulingana. Njengamanje isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu angu-25. Seyidlale imidlalo engu-21 kanti isawine emihlanu, yadlala ngokulingana ewu-10

“Sizolithatha iphuzu sibheke phambili, lona omunye umdlalo singayazi induku. Abadlali benze kahle kakhulu.”

KwiCAF Champions League umgqigqo weChiefs uhluke kakhulu kunoweDStv Championship njengoba isanda kuzibekisela indawo kuma-quarterfinal okokuqala emlandweni wayo.

Amakhosi awadlali kule mpelasonto njengoba kunemidlalo yeNedbank Cup. Azoze abuyele enkundleni ngoLwesithathu lapho ezokwamukela iCape Town City koweligi eFNB Stadium. IChiefs kumele izame ukuwina lo mdlalo ukuze ingagcini ngokuyikhomba iTop 8 ekupheleni kwesizini.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.