Sekuyisikhathi sezithelo kwiProteas ebunjwe kabusha

UPrenelan Subrayen

SIHLE NDLOVU

Umdlali weDolphins, uPrenelan Subrayen, ufakwe eqenjini lamaProteas elizodlala imidlalo yamaTest emibili neWest Indies eSt. Lucia ngenyanga ezayo. Usubrayen, oneminyaka engu-27 waseThekwini ubalwe kuleli qembu nomdlali ake wayibamba naye kwiSouth Africa Under 19 uLizaad Williams, ozobe eqala naye ukuba seqenjini elidlala amaTest.

ICricket South Africa (CSA) imemezele isikwati esinabadlali abangu-19 esizoholwa uDean Elgar ozobe eqala ukuhola iqembu selokhu emenyezelwe ngokusemthethweni njengokaputeni ekuqaleni kukaMashi. Iqembu elidlala imidlalo yosuku olulodwa lizoholwa ngukaputeni uTemba Bavuma uma selibhekene neWest Indies ne-Ireland.

USubrayen uqede esendaweni yesithathu ngesizini ka-2020/2021 yeCSA 4-Day Cup njengoba ethathe amawikhethi angu-19 emidlalweni emine. Lo mdlali uzobe ehambisana noKeshav Maharaj, Tabraiz Shamsi, noGeorge Linde kubadlali abashwiba njengama-spinners.

“Abaqoki banethemba lokuthi bahlanganise
iqembu elikahle elizoholwa ngempumelelo
uDean (Elgar) noTemba (Bavuma)”

Abanye abadlali abangakaze bawadlalele amaProteas abakhona eqenjini, uKyle Verreynne, Keegan Peterson, Sarel Erwee noMarco Jansen. Kuvele ukuthi izingxoxo ebezikhona no-AB de Villiers ziphethe ngokuthi agcizelele ukuthi usewagaxe emgibeni amagilavu akhe, kanjalo nenduku yakhe yokubhetha.

Umqoki omkhulu kumaProteas uVictor Mpitsang, uthe: “Lolu wuhambo olukhulu lwamaProteas. Sineqembu elinabadlali abayimiqemane bonke kanti lixube kahle abasebancane nabanamava.

“Abaqoki banethemba lokuthi bahlanganise iqembu elikahle elizoholwa ngempumelelo uDean (Elgar) noTemba (Bavuma). Uhambo lwase-Ireland lubaluleke kakhulu ukuqoqa amaphuzu njengoba sizobe sizama ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2023.

“Sizobe silungiselela neNdebe yoMhlaba yeT20 ngasekupheleni kwalo nyaka. Iqembu selibe sesimeni sokubunjwa kabusha isikhathi eside manje kodwa senelisekile ngokuthi umsebenzi obewenziwa uzoziveza maduze.”

Iqembu elizodlala newest Indies kweyeTest:

Dean Elgar (ukaputeni), Temba Bavuma (iphini likakaputeni), Quinton de Kock, Sarel Erwee, Beuran

Hendricks, George Linde, Keshav Maharaj, Lungi Ngidi, Aiden Markram, Wiaan Mulder, Anrich Nortje,

Keegan Peterson, Kagiso Rabada, Rassie van der Dussen, Kyle Verreynne, Tabraiz Shamsi, Lizaad

Williams, Prenelan Subrayen, Marco Jansen

Iqembu elizodlala eyeT20:

Temba Bavuma (ukaputeni), Quinton de Kock, Bjorm Fortuin, Reeza Hendricks, Heinrich Klaasen, George

Linde, Sisanda Magala, Janneman Malan, Aiden Markram, David Miller, Lungi Ngidi, Anrich Nortje,

Andile Phehlukwayo, Dwaine Pretorius, Kagiso Rabada, Tabraiz Shamsi, Rassie van der Dussen, Kyle

Verreynne, Lizaad Williams

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *