Sekuzocaca ngoMgqibelo ngompetha beGladAfrica Championship

GladAfrica Championship Royal AM Sekhukhune United PSL mehluleli ngoMgqibelo icala Polokwane City amaphuzu eyaqeda
Ithimba labammeli ebelimele iRoyal AM ecaleni
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Kulindeleke siphume ngoMgqibelo isinqumo ngecala elifakwe enkantolo yiSekhukhune United efuna ukuba ngompetha beGladAfrica Championship bese inyukela kwiDStv Premiership.

Leli cala eselidonse isikhathi eside libambezele ukunikezwa kweqembu elingompetha balel ligi indebe yabo. Kuzoba ngelilodwa Phakathi kweSekhukhune neRoyal AM.

ISekhukhune yagidlabezwa ngumehluleli ngamaphuzu amathathu ngemuva kokuba yayidle iPolokwane City ecaleni. IPolokwane yayihluleke wukulandela umthetho wokuthi kumele ibe nabadlali abahlanu abaneminyaka engaphansi kuka-23 ebhentshini.

Ikomidi eliqondisa izigwegwe lePSL labe seliyihlawulisa ngokuyiphuca amaphuzu eyawawina kulo mdlalo. iSekhukhune ayithokozanga ngalesi sinqumo, yasidlulisela kumehluleli ngoba ifuna lamaphuzu angalahlwa kodwa anikwe yona.

Nempela umehluleli wayinika la maphuzu. Lokhu kwenza ukuthi kube yiyo eqeda ihlezi phezuku kwiChampionship. Kodwa iPSL yanqaba ukuyinika lamaphuzu.

Ngokwelogi yePSL, yiRoyal AM eyaqeda phezulu futhi yioyo okumele iyodlala kwiPremiership bese iSekhukhune sidlale eyokuhlunga neRichards Bay neChippa United.

Yingakho ke iSekhukhune ibe seyigijimela enkantolo. NePolokwane City yabe seyifaka elayo icala ithi lesi sinqumo sikamehluleli asifanele futhi sizoqala umkhokha omubi.

Nokho ayizange ibekhona enkantolo ngoLwesihlanu. Ngokuthola kweMpempe sekunokuhudula izinyawo kumphathi wakho uJohnny Mogaladi. iRoyal AM yona ifikile yenza izethulo zayo kanti beyimelwe ngu-Advocate Dali Mpofu.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.