Sekwenyuswe isibalo sabazogijima iComrades

Sekwenyuswe isibalo sabazogijima iComrades
Alfred Ngubane 

Usihlalo weComrades Marathon uMqondisi Ngcobo uthi sebekhuphule isibalo sabasubathi abazongenela lo mjaho.

Uthi lokhu bakwenze ngoba befuna ukunika abasubathi abafuna ukuzigijimela nje baqede umjaho hhayi ngoba bebheke ukuwina.

Lesi sibalo sikhuphukele ku-20 000 sisuka ku-15 000 ekade bezibekele wona. Ukuxegiswa kwemithetho elawula izwe ngaphansi kwesimo sokhuvethe lweCovid-19 yikho okwenze kwaba lula ukwenza lokhu.

Kuphinde kwavulela nethuba abasubathi abaningi abasuka emazweni angaphandle ukuthi bazogijima kulo mjaho othandwa futhi ohlonishwa umhlaba wonke.

“Sibone kukuhle ukuthi sithi ukusenyusa isibalo ngoba vele nemithetho seyiyasivumela. Bebebaningi abebesale ngaphandle ngenxa yokuphela kwezikhala.

“Nokho lokhu akusho ukuthi asisezuqikelela imigomo yokuqapha ukwanda kwalolu khuvethe,” kusho okaMapholoba.

FUNDA NALA: Inkakha yeSundowns incoma ukwenyuka kwezinga labaqeqeshi

Lo mjaho unesasasa elikhulu kuskela waqala ngonyaka ka-1921. Wakhula kakhulu kakhulu njengoba ugcine usunamanxusa aphuma emazweni ahlukene.

Lo mjaho uhanjelwa nayimndeni esuke iphelezela abasubathi bayo nabangani. IKwaZulu-Natal singenisa umnotho omningi kakhulu ngezinsuku zeComrades Marathon ngokusho kukaNgcobo.

Abasubathi abaningi emhlabeni baphansi phezulu namalungiselelo alo mjaho kanti abanye sebeze bahoxa kweminye emincane ngoba befuna ukugxila kwiComrades.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.