Selidayisiwe ebelifuna isitifiketi seMaritzburg sokudlala kwiPremiership

Selidayisiwe ebelifuna isitifiketi seMaritzburg sokudlala kwiPremiership
Abaphathi beG Millionaire
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Facebook

Iqembu elidlala kwi-ABC Motsepe League iG Millionaire yaseMzumkhulu selithengiselwe ezinye iziqumama zaseMkhambathini.

Ngokuthola kweMpempe ngemithombo yayo, leli qembu likaBongani Gumede lithengwe yinhlanganisela yosomabhizinisi baseMkhambathini ngoba benenhloso yokuba neqembu elizogcina lidlala kwiPSL.

Kuthiwa umqeqeshi walo kuzoba nguSiyabonga “Rhoo” Mdluli obekelwe ukuba alenyuse leli qembu alifake kwiGladAfrica Championship.

UMdluli akamusha ekuqeqesheni njengoba phambilini ubeqeqesha iqembu leDStv Diski Challenge leMaritzburg.

Ngesizini edlule ubeliphini lomqeqeshi uSimo Dladla kwiRichards Bay. Ngaphambilili uGumede wayeveze ukuthi uyalithengisa leli qembu ngoba esefuna ukuthenga iqembu elidlala esigabeni esiphezulu.

Wake wasusa umsindo ngesikhathi ememezela ukuthi sekuseduze aphothule izingxoxo nabaphathi beMaritzburg United.

Ngaleso sikhathi kwakuvele ukuthi abeMaritzburg bengadayisa uma kuvela umuntu waKwaZulu-Natal olifunayo iqembu.

FUNDA NALA: IChiefs iphinde yehluleka ukuwina ibambana neMarumo Gallants

Kodwa iMaritzburg yakuchitha lokho yathi ngamanga abamazi kwakumazi uGumede lowo. Yena wayethe sebebanjezekwe wukuvalwa kwezwe ngaleso sikhathi ngenxa ykudlala kweCovid-19.

UGumede kuthiwa ukhale ngokuthi usekhathele ukudlala esigabeni se-ABC Motsepe League kepha usefuna ukudlala esigabeni esikhulu.

Kuthiwa uthe kukhona izinhlelo aphezu kwazo zokuthola isitifiketi seGladAfrica Championship. Imizamo yokuxuma yena uqobo ayiphumelelanga.

Kodwa Impempe izoqhubeka izame ukuze acacise njengoba kukhona nabathi useyaphuma ebholeni ngoba engayiboni inqubekela phambili.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.