Seligcine likhalilelie izembe, i-Al Ahly seyihlukene noPitso Mosimane

Seligcine likhalilelie izembe, i-Al Ahly seyihlukene noPitso Mosimane
UPitso Mosimane osehlukene ne-Al Ahly abeyiqeqesha kule minyaka emibili edlule
OkaDonga Gumbi

I-Al Ahly idedele isigaxa sendaba ngoMsombuluko ntambama ngesikhathi iveza ukuthi sekwehlukane izindlela phakathi kwayo noPitso Mosimane obengumqeqeshi wayo.

Ukuhamba kukaMosimane kuleli qembu bekuyinto esilindelekile kuklandela ukuthi egxekwe kakhyulu kulandela ukungenzi kahle kweqembu kwiCaf Champions League.

“I-Al Ahly noPitso Mosimane sebefike esivumelwaneni sokuthi kwehlukanwe,” beyifundeka kanje ingxenye yesitatimende esikhishwe yi-Al Ally. 

“UMahmoud El Khatib, ongumengameli weqembu, ube nomhlangano noYassin Mansour, ongusihlalo noHossam Ghally, oyilungu lebhodi leqembu. 

“Bekukhona namalungu ethimba elihlela izinhlelo zeqembu kuzobhungwa ngodaba lwekusasa likaMosimane eqenjini.” 

FUNDA NALA: Owayedlala kwiPirates ecaleni elibi lokukhwabanisa izigidigidi

Iveze ukuthi nguyena uMosimane ozicelele ukuba akhululwe kuleli qembu emhlanganweni wangaphambilini.

“Kulo mhlangano bavumelane bonke ukuthi aqhubeke nomsebenzi wakhe kwi-Al Ahly njengoba ebenemiphumela emihle esikhathi saphambilini.  

“Nokho emhlanganweni waphambilini noMosimane wacela ukuba akhululwe, wathi yena wenelisekile ngasakwenzele iqemu kulesi sikhathi ekulo.

“Lesi sicelo sakhe sibe sesidingidwa futhi kwavunyelwana ngokuthi samukelwe, avunyelwe ukuba ashiye iqembu labe selimbonga ngalenzele khona.” 

Okushaqisayo wukuthi kwenzeka lokhu nje uMosimane ubevuselele inkontileka yakhe naleli qembu ngoMashi nonyaka.

Sekuvele ke kuqalile ukuqagela ngekusasa likaMosimane kanti abanye bathi kungenzeka abuyele kuleli kwi-Orlando Pirates.

Nokho Impempe ingakuveza ukuthi cishe uzowela umngcele aye eMorocco la efunwa khona ngenye yezinkunzi zakhona.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.