OkaDonga Gumbi
Sekuvele ukuthi uBenni McCarthy angase akhonjwe indlela kuMaZulu FC ngoLwesihlanu.
Ngokuthola kweMpempe abaphathi baMaZulu bazoba nomhlangano nabasebenzi beqembu ngoLwesihlanu lapho kulindeleke baziswe khona ngezinguquko.
“UBenni ube nomhlangano nabadlali ngoLwesihlanu ekuseni lapho engikholwa wukuthi ubazise khona ukuthi useyahamba eqenjini.
“Bengingakezwa ke kahle ukuthi utheni kubo, kodwa uthe eqeda babetshelwa ukuthi kunomhlangano abafuneka kuwo ntambama.
“Kumanje uBenni yena usemhlanganweni nabaphathi okuyilapho engikholwa wukuthi kuzohlukana khona inhloko nesixhanti,” kusho umthombo weMpempe.
Impempe izolulandela lolu daba bese ikubikela uma kukhona okusha okuvelayo ngalo.