Seligcwale umoya kuDladla kulandela ukuhlulwa isicoco esesibambile

USimo Dladla

ALFRED NGUBANE

Umphathi weRichards Bay FC akaasalindanga ukuthi kuze kuphele isizini ukuze axoshe umqeqeshi uSimo “Govuza” Dladla nethimba lakhe kulandela imiphumela engagculisi kwiGladAfrica Championship.

UDladla ubone eza ngayo ehambisana namaphini akhe amabili oSiyabonga Mdluli noThulani Nkosi. INatal Rich Boyz seyiphumile embangweni wesicoco seligi yize ike yahlala esicongweni amasonto amaningana futhi beyibukeka izosidla isicoco. Emidlalweni edlule iqembu lilahle amaphuzu laze lagudluzwa yiRoyal AM esicongweni okuyiyona esithwele amathemba esifundazwe iKwaZulu-Natal.

Emdlalweni odlule kuphele nya ngamathemba eBay okunyukela kwiDStv Premiership ngesikhathi ibambana neJomo Cosmos ngo 1-1. Kuvele ukuthi lokhu kuholele ekutheni usihlalo weqembu aphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yokuquleka ngemuva kwalo mdlalo.

Nokho ngesikhathi ekhuluma neMpempe, uBiyela ukuchithile ukuthi uke waquleka, nawu umbiko: https://bit.ly/333X86RC. UBiyela uvumile nokho ukuthi ubakhombe indlela abebeqeqesha iqembu ngoba bebevumelene ngokuthi banyuse iqembu liyodlala kwiDStv Premiership.

“Behlulekile ukwenza lokho (ukunyusela iqembu esigabeni esiphezulu) ngakho sihlukane kahle futhi ngibafisela inhlanhla,” kusho uBiyela.

USibusiso Msomi noVusi Magagula yibona abazobamba izintambo emdlalweni wokugcina wesizini ngokusho kukaBiyela. IBay isenalo ithuba lokudlala emidlalweni yokuhlunga uma ingawina umdlalo wayo wokugcina bese eminye imiphumela ivune yona.

Izobhekana neSteenberg United eRichards Bay Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama. Uma iTS Sporting ingashaywa yiPretoria Callies bese iBay wina owayo umdlalo ingakwazi ukuqeda isendaweni yesithathu kwilogi. Nokho ngeke kube lula ukuthi iSporting idedele umdlalo ngoba nayo izama ukuyodlala eyokuhlunga.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.