Seliwelile iBhakhaniya kwiConfederation Cup

UVincent Pule

OKADONGA GUMBI

Isizibekisele indawo emzuliswaneni womkhumulajezi kwiCaf Confederation Cup i-Orlando Pirates yize isasalelwe wumdlalo owodwa esigabeni samaqoqo kulandela ukudlala ngokubambana ne-ES Setif e-Orlando Stadium ngoLwesithathu ntambama.

Umdlalo uphele ngo 1-1, amaqembu acazelana ngamaphuzu kanti lokho kubeke iPirates endaweni ephephile neqinisekisa ukuthi idlulela phambili.

IBucs isinamaphuzu ayisishiyagalolunye kanti abasangayifica oyedwa phakathi kwe-Enyimba yaseNigeria ne-Al Ahly Bengazhi yaseLibya abadlala ngawo uLwesithathu kusihlwa.

IBhakhaniya liphoqeleke ukwenza uguquko ngomzuzu ka-23 ngemuva kokulimala kukaSiyabonga Mpontshane. Ubekade ephume eyochitha ibhola elide ebelithunyelwe yiSetif, washayisana nomgadli waklunyuka umsipha wethanga.

Kube sekungena uWayne Sandilands endaweni yakhe. IPirates beyiwuqale kahle lo mdlalo izicindezela izivakashi zayo, kodwa nazo zagcina sezingena emdlweni ngokuqhubeka kwawo.

UDeon Hotto bekumele enze kangcono ngethuba alifakelwe nguVincent Pule ngomzuzu ka-35, kodwa wehluleka ukuqondisa ibhola lakhe alishaye ngekhanda epalini.

Njengoba womabili amaqembu abengayitholi indlela yokwakha amathuba, kugcine sekuphakama imimoya ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.

UPule nokaputeni weSetif u-Akram Jahnit bachilizane kwashoda ozogadla kuqala, unompempe wabe esebaklomelisa ngekhadi eliphuzi ngamunye ngokuzama ukuzenza oMike Tyson.

Sekusesikhathi esengezwe ngunompempe ekupheleni kwesiwombe sokuqala, uJahnit ubethi uyaqeda ngoSandilands emudla ngebhola obekuyi-free kick, kodwa wandiza walifica lo nozinti, walichithela eceleni.

Cishe usazibuza namanje uTshegofatso Mabasa ukuthi uligeje kanjani ibhola abelinikwe nguFortune Makaringe ngomzuzu ka-58.

Limfice eyedwa ebhokisini, okwakhe kuwukulichilizela enethini kodwa wavele walibhamuza laphuma phezulu kwamapali.
Ibe nenhlanhla yokungahlawuliswa ngephenathi iPirates ngomzuzu ka-60 ngemuva kokuthi uThulani Hlatshwayo edonse uMohamed Amoura wamqumba phansi, kodwa unompempe wathi bebengakangeni ebhokisini.

UJahnit ushaye enhle i-free kick, kodwa uSandilands waphinda wamkhipha inkanio mgadli. ISetif yenze izinguquko qede kwayiyo esilawula umdlalo, futhi ifika iphindelela emapalini kaSandilands kodwa imfice engazwile.

Usale engazi alingenanga kanjani ibhola lakhe epalini u-Ibrahim Hachoud ngomzuzu ka-87 kade elingqofe ephambi kwepali njengoba iPirates beyihlulwa ukukhipha ibhola ekhaya kade kuyikhona.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.