Seliyinkebenkebe igebe iSundowns ezihola ngalo phambili

Seliyinkebenkebe igebe iSundowns ezihola ngalo phambili
UPeter Shalulile no-Onismor Bhasera
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Mhlawumbe kube wuzwelo lomakhelwane olwenze iMamelodi Sundowns ingabukisi ngeSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership womkhaya baseTshwane ngoMgqibelo.

ISuperSport iye kulo mdlalo ifana nezimvu zomhlabelo njengoba beyixenga kwazise izethenjwa zayo bezingekho.

Amatsatsantsa aye kulo mdlalo bengekho oROnwen Williams, Teboho Mokoena, Sipho Mbule noMahachi kanti nomqeqeshi uKaitano Tembo ubengekho.

Bonke laba kubikwe ukuthi batholakale behaqekile yiCovid-19 okuphoqe ukuthi bayogonqa.

Lokhu kwenze iSundowns yabonakala izozidlela amahlanga nje kulo mdlalo obuseLucas Moripe Stadium.

Nendlela ewuqale ngayo umdlalo iSundowns ishaya ogoli kungakahlangani nemizuzu eyishumi umdlalo uqalile yenze kwalindeleka imbudlu.

UPeter Shaluliel ukukhombise zisuka nje ukuthi ufuna ukwandisa isibalo samagoli akhe njengoba kuthe ngomzuzu wesine wathola elihle ithuba kodwa lamehlula.

Ubuyile emizuzwini emithathu ukusuka lapho, kulokhu akangabe esashaya eceleni, walinamathelisa enethini.

Ukusuka lapho ke ubungalindela ukuthi izotheneka amandla iSuperSport njengoba beyivele izixegela nje.

FUNDA NALA: AmaZulu ahubha irekhodi elibi leSwallows

Nokho izabalazile, yazama ukubuya kulo mdlalo abafana abancane befuna ukuzibonakalisa ukuthi sebekulungele ukunikwa ithuba nabo.

Yize iSundowns beyiwakha amathuba, kodwa beyingenawo lo mdlandla ehlale iwukhombisa uma ibheke phambili.

Mhlawumbe lokhu bekwenziwa wukwazi ukuthi ivele idlala nabantu okungekho okutheni abangakwenza uma iqinisa isandla.

Nokho le wini, yize bekungathi ibingayifuni nje, ibeke iSundowns endaweni enhle yokuthi ikhale yemuke nesicoco.

Seyizihola phambili ngamaphuzu angu-14 okuyenza ibe sethubeni lokudla isicoco sesihlanu kulandelana.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.