Selugxume lwaqhwakela Usuthu lushaya omkhaya i-Arrows

U-Augistine Mulenga noThabani Zuke

SIHLE NDLOVU

Yinto obekungakaze kucatshangwe noma kukhulunywe ngayo ukuthi ingenzeka ekuqaleni kwesizini kodwa sekunjalo.

AmaZulu aseqhulwini kwi-log yeDStv Premiership ngemuva kokushaya iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 koweligi eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoMgqibelo ntambama.

Emlandweni woSuthu abaluthandayo nabasondelene nalo bangakufakazela ukuthi alukaze luhlanganise amaphuzu angu-50, ngisho nangesikhathi amaqembu esengu-18 kwiNational Soccer League (NSL).

Ayiphathwake eyokuhlala esicongweni ngalesi sikhathi sesizini, njengoba sekusele imidlalo embalwa ukuthi kugoqwe yonke into kweyePremiership. Usuthu yiqembu lokuqala kule sizini ukufika emaphuzwini angu-50.

Bekucaca ukuthi bekuwumdlalo womkhaya ngendlela umdlalo oqale ngayo. Nokho alikho iqembu ebelifuna ukuhlala emuva, bezihlaselana kube kuncane indawo.

AmaZulu abengafuni ukwenza izinto eziningi kodwa ibhola abelibeka phambili kumdlali oyingozi, kube wukuthi iqwashile i-Arrows.

Bekuba nzima nakuMaZulu uma i-Arrows ithola ibhola esiswini bese ilibeke kuPule Mmodi obeluthwalisa kanzima Usuthu. Umdlalo uqhubeke zithengana ngesiwombe sokuqala.

ULuvuyo Memela walile ukuthi ziye ekhefini ibhola lingayiqabulanga inethi ngesikhathi eshaya igoli ngomzuzu ka-45, kwahlanya ibhentshi loSuthu.

Isiwombe sesibili siqale kuwuSuthu obelufuna igoli lesibili futhi lufika qathatha ezintini zikaSifiso Mlungwana.

Ngomzuzu ka-55 uMlungwana usebenzile evimba ibhola lika-Augustine Mulenga okhahlele esebhokisini.

I-Arrows ibizama ukubuya iyoshaya igoli kodwa AmaZulu ayiphunge emuva sekuvalwe amehlo.

Bekubukeka sengathi uLehlohonolo Majoro uzoliqabulisa inethi ngomzuzu ka-64 kodwa wehluleka esebhekene nonozinti.

Ngomzuzu ka-78 unozinti waMaZulu uVeli Mothwa uvimbe ifree kick kaKnox Mutizwa ebibukeka iyimbi kakhulu.

AmaZulu abesedlalela emuva, ngenxa yokuhlasela kwe-Arrows, nobekwenza ukuthi adale ama-free kick amaningi.

UThapelo Xoki noSiphelele Magubane (ongene endaweni kaMemela) bathole amakhadi aphuzi ngakho belu ukuhlasela kwaBafana Bes’thende.

Ngomzuzu ka-86 uSiyethemba Sithebe ubebheke ukuyoshaya igoli lesibili loSuthu kodwa unompempe wathi ubesephambili kunababanye abadlali (offside). Nokho kubukeke sengathi uphambukile kulokhu.

Kucishe kunokala ngomzuzu ka-88 ngesikhathi uMagubane ecishe elihlohla ekhaya ezama ukuphunga ibhola, isifike qathatha i-Arrows emzini woSuthu.

Ibhola lishaye ipali lwasinda kanjalo emlonyeni wengwenya Usuthu. Kodwa azisindele nje AmaZulu ekugcineni ngoba bese kuyiwona abephunga i-Arrows ebifika iphindelela.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.