Selulengela engcupheni yokuphuma koweCaf Usuthu olusuthe induku

Selulengela engcupheni yokuphuma koweCaf Usuthu olusuthe induku
Sihle Ndlovu

AmaZulu FC ashaywe okokuqala ekhaya emidlalweni yeCAF Champions League ngemuva kokuthola isibhaxu sika 2-0 kwiRaja Casablancha eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoLwesihlanu.

Kulo mdlalo kugqame ukukhala kwesicathulo kakhulu, ebesivela ezivakashini. Lokhu kwenze ukuthi unompempe elokhu ewakhiphile amakhadi aphuzi.

Usuthu lusheshe lwanika izivakashi ithuna lokudlala zikhululekile ngesikhathi zidedela igoli ngomzuzu wesithupha. Leli goli lishaywe uHamad Ahadad.

Izibukeli zizamile ukugqugquzela Usuthu kodwa kugqame ukutatazela uma sebebhekene namapali.

ULuvuyo Memela uyena obezithola esendaweni enhle izikhathi eziningi kodwa lutho ukusebenzisa amathuba.

Ngesiwombe sesibili AmaZulu abesehlasela ezama ukuthola igoli lokulinganisa. Lokhu kuholele ekutheni iRaja ibabambe ngokuzuma izikhathi eziningi, kuvalwe amehlo.

Kugcine konakele ngomzuzu ka-76 ngesikhathi u-Ilias Hadad eshaya igoli lesibili, kwacaca ukuthi liyawashonela ekhaya AmaZulu.

Lizamile ukubuya iqembu lasekhaya emizuzwini yokugcina kodwa yalokhu iqhubekile nokuqinisa isicathulo iRaja. Kwawona lawo ma-free kick AmaZulu abewalageja.

UBongi Ntuli ucisho walithola elokuvala ihlazo sekuzophela umdlalo kodwa wala waphetha unozinto weRaja u-Anas Zniti.

Osekungasiza Usuthu ludlulele phambili wukuthi iHoroya ishaye i-ES Setif ngawo uLwesihlanu kusihlwa. Umdlalo wabo uqala ngo-9 kusihlwa.

Ngemuva kwalokho sekuyodingeka lona luwine umdlalo walo wokugcine ekuhambeni neHoroya.

Kodwa kwalokho kuyobe kungenele njengoba kuyomele lumincele ukuthi iRaja ivulele isibhazu esikhulu kwi-ES Setif emdlalweni wabo wokugcina.

FUNDA NALA: IChiefs ivunwe isinqumo sikamahluleli, imidlalo eyayiphutha ngoDisemba ibuyela enkundleni

Yileyo kuphela indlela AmaZulu asangadlulela ngayo phambili kulo mqhudelwano ayethembise ukwenza kangcono kuwo kuneKaizer Chiefs.

Amakhosi afika kowamanqamu kulo mqhudelwano, aqondana nomakadebona i-Al Ahly eyabashaya ukuze ivikele lesi sicoco.

Emdlalweni kaGroup A, i-Al Ahly kaPitso Mosimane ishaye i-El Merreikh ngo 3-1 ukuzibeka ethubeni elihle lokudlula kulesi sigaba.

Leli qembu selisendaweni yesibili ngamaphuzu ayisikhombisa kanti selidinga ukudlala ngokulingana ne-Al Hilal emdlalweni wokugcina ekhaya.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *