Sesiphinde sagqemeka engeqiwa ntwala isibhakela kushona uMagudulela

UThulani Magudulela weLudonga Boxing Promotions

OKADONGA GUMBI

Umhleli wezimpi oqavile waseThekwini, uThulani Magudulela weLudonga Boxing Promotion, akasekho. UMagudulela ushone ezintatha ngoLwesibili ngemuva kokuxinwa isikhashana ukugula okuhambisana neCovid-19.

Yize imininingwane ingakacaci kahle okwamanje, kodwa indodana kaMagudulela, uZwilenkosi Magudulela useqinisekisile ukuthi nebala uyise akasekho.

“Isimo asisihle. Ubaba, akasekho. Ubekade kutholakale ukuthi uneCovid…,” kusho uZwilenkosi ongumqeqeshi wamabhokisa eLudonga Boxing Gym.

UMagudulela, obedume ngelikaNkunzi kwabanye njengoba ebevamise ukubiza wonke umuntu kanjalo, ushona nje akukapheli neviki kushone uMzimasi Mnguni.

UMnguni naye wayemgumhleli wezimpi ohlonishwayo emhlabeni ngaphambi lokuhlaselwa yisifo senhliziyo ngo-2014 okwalandelwa ngezinye izifo ezigcine zimhlalisa esihlalweni esinamasondo.

Kugcine kumnqobile ukufa ngoMgqibelo ekuseni. Ekhuluma neMpempe ngokushona kukaMnguni obengumngani futhi abasebenza isikhathi eside naye, uMagudulela wakhala ngokuthi amankomane akuleli alahlekelwe lukhulu.

“Uyabona ngaqala ukusebenza naye ngingumqhathi wezimpi ngaphansi kwakhe. Wayekholelwa kakhulu kimi, engitshela ukuthi ngiyoba ngumhleli wezimpi ophambili ngelinye ilanga.

“Wayehlala engiphrofetha ngalokho. Manje… Ey ey ey… sasebenza isikhathi eside. Ngafunda okuningi kuye. Ukuthi umpetha uqalwa kuphi futhi kanjani ngakufunda kuye.

“Hhayi! Hhayi! Hhayi! Uyabona nje, eqinisweni nje – uma ngikhuluma iqiniso elimsulwa – umuntu obesasele wesibhakela uyena uMzi ngoba noNick Durandt kade azishonela,” ubalise kanje uMagudulela ekhuluma neMpempe ngoMgqibelo ekuseni kanti naye usendleleni.

Bekunezimpi abezihlelile ebezizolwa ngeSonto KwaNongoma kodwa zahlehliswa ngenxa yokukhathazeka ngakho ukudlanga kwaleli gciwane. Wudaba olusaqhubeka lolu, Impempe izolulandela.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.