Sesitholakele isixazululo ngomdlalo weChiefs neWydad yaseMorocco

Ijike endleleni iKaizer Chiefs ngeviki elidlule ivinjwa kungena eMorocco

OKADONGA GUMBI

Sesigcine sitholakele isixazululo ngomdlalo weKaizer Chiefs neWydad Athletic Club yaseMorocco obekumele ube ngoMgqibelo kodwa wahlehliswa ngenxa yesixakaxaka esisuke ngemuva kokuthi Amakhosi enqatshelwe izimvume zokungena kuleliya lizwe.

Kusuke umsindo ngeviki elidlule ngesikhathi Amakhosi efika ezitshwa sengathi azoshaya ipasi kwandabazabantu emahhovisi enxusa laseMorocco la bekufanele anikwe khona lezi zimvume.

Kwagcina kuvelile ukuthi wusosesheni waseMorocco, iRoyal Moroccan Football Association, oyalele ukuba bangagunyazwa ukuza eMorocco. Nokho izizathu zalokhu zigcine zingavezwanga.

Nokho Impempe seyingakuveza ukuthi lo mdlalo sewuzobanjelwa e-Egypt ngoLwesihlanu. Lezi zindaba zivezwe yiWydad ekhasini layo leFacebook ngeSonto ebusuku.

“Umdlalo weWydad neKaizer Chiefs usuzodlalelwa eCairo (e-Egypt). Abaphathi beWydad bafisa ukubonga umengameli weRoyal Morrocan Football Association, uFouzi Lekjaa, owenze konke okusemandleni ukuthola inkundla okuzodlalelwa kuyo lo mdlalo.

“Lokhu ukwenze enengcindezi emangalisayo kwazise inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika (CAF) beyisinike amahora angu-24 ukuthi sithole inkundla esizodlalela kuyo,” kusho isitatimende seWydad.

“IWydad ifisa nokubonga noMnyango wezaBasha neMidlalo e-Egypt, nososesheni wakhona abasamukelile isicelo sethu sokudlalela ezweni labo.

“Akuthusi ke nokho lokhu ngoba i-Egypt ingobhuti kithi futhi sinobudlelwano obuhle nayo,” kuphetha lesi sitatimende ebesibhalwe ngolimi lwesi-Arab.

Lokhu kuchaza ukuthi Amakhosi ngeke esawacosha etafuleni amaphuzu amathathu njengoba bekucatshangwa. Lokhu bekuzokwenzeka uma umdlalo ugcina ngokungayi enkundleni.

Bekungakacaci ke nokho ukuthi leli qembu laseNaturena selizotholile yini lezi zindaba njengoba lingakasho lutho. NeCAF ibingakakumemezeli ngokusemthethweni ukuthi lo mdlalo uyaqhubeka futhi usuzodlalelwa e-Egypt.

Lokhu kuhlehliswa kwalo mdlalo kuphazamisa nezinhlelo zeChiefs kwiligi yakuleli. Cishe sekuzophoqeleka ukuthi umdlalo wabo weDStv Premiership naMaZulu FC obuzoba ngoLwesithathu uhlehliswe ukuze bakwazi ukuya e-Egypt kusenesikhathi.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *