Sesivelile ‘isizathu’ esenze uMosele angalubhadi kwiBafana

Sesivelile 'isizathu' esenze uMosele angalubhadi kwiBafana
UGoodman Mosele
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UGoodman Mosele ube ngomunye wabantu okukhulunywa kakhulu ngabo kuleli viki kulandela ukudoja kwakhe angayi ekhempini yeBafana Bafana.

Izindaba zokungafiki kwakhe ekhempini zadalulwa ngumqeqeshi weBafana uHugo Broos nokuyinto eyicike kakhulu i-Orlando Pirates adlala kuyo uMosele.

IBucs ikhala ngokuthi uBroos akalandelanga imigudu efanele ukuthola ukuthi yini eyenze lo mfana agcine engafikanga ekhempini.

Ithi lokhu kubhadlaza kwakhe lezi zindaba esidlangalaleni kuwukuhlambalaza umdlali neqembu lakhe ngoba kumenza abukeke engumuntu ongakwazi ukuziphatha.

Impempe seyivukuze yaze yathola isizathu esenze uMosele agcine engayanga kwiBafana kanti siyashaqisa.

Empeleni nje sithole izizathu ezehlukene kwimithombo emibili ehlukene okwenza kube nzima ukwazi ukuthi yisona siphi esiyiqiniso ngempela.

Esokuqala esivelile wukuthi uMosele ubephuthume ekhaya eLimpopo ukuyogcina amasiko akubo ngaphambi kokuphuma kuleli aye kwamanye amazwe.

“Kunesimo sesiko abesikweleta ekhaya abengeke ekwazi ukuhamba engazange asilungise ngoba besingamdlalela izinkinga phambili.

“Uyazi ke nawe ukuthi izinto ezithinta abangasekho zisebenza kanjani bekungenzeka noma yini kuye ukube uvele wadaza inkani wahamba,” kusho umthombo.

“Uyazi naye ukuthi akaluhambisananga ngendlela lolu daba ngoba bekumele abike acele ukunikwa noma usuku bese ebuyela ekhempini uma eselungisile isimo ekhaya.

Nokho omunye umthombo uthe uyasola lokhu sekuyindlela nje yokufihla ihlazo ngoba lo mdlali osemncane ushaye ifambu.

FUNDA NALA: IPirates ayeneme ngoBroos oyihlambalazayo

“Kunezinsolo zokuthi sekunezinto ezingezinhle azenzayo ezingase zigcine zimphazamisa kakhulu ebholeni lakhe.

“Ngeke ngithuke uma kungaba wukuthi yizo ezimphazamisile wagcina ekhohliwe wukuthi uyadingeka laphaya kwiBafana,” kusho yena.

Umthombo ukuvezile ukuthi ziyini lezo zinto kodwa okwamanje Impempe ngeke ikwazi ukuzishicilela ngoba aziqinisekisiwe ngokugcwele.

Kodwa sizoqhubeka silulandele udaba size sithole ukuthi yini ngampela le ebambezele umdlali obebukeka eza kahle kangaka kwiBafana.

UMosele ugcine ekhishiwe eqenjini indawo yakhe yathathwa nguJesse Donn weSuperSport United.

Akuyena yedwa nokho ongafikanga ekhempini yeBafana njengoba noThabiso Kutumela weMamelodi Sundowns egcine ekhishiwe.

UKutumela yena uhambe wayohlaba umjovo wokugomela iCovid-19 kanti akumele ahambe aye kude ngoba kusamele kubhekwe ukuthi umphatha kanjani lo mjovo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.