Sesiwinwe yiSundowns isitobha seMaritzburg ebesifunwa ngabomvu yiPirates

URushine De Reuck esayina inkontileka kwiMamelodi Sundowns Isithombe: Sithunyelwe

OKADONGA GUMBI

Usesayine kwiMamelodi Sundowns uRushine De Reuck oke wamataniswa ne-Orlando Pirates phambilini. UDe Reuck uqede ukuqagela ngekusasa lakhe ngesikhathi esayina kwiSundowns ngoLwesihlanu ntambama.

UDe Reuck kulindeleke ethulwe kozakwabo abasha eChloorkop ngoMsombuluko bese eqala nokujima nabo.

“Useqedile konke neSundowns. Nguyena owazicelela kwiMaritzburg ukuthi ucela ukukhululwa ngoba usehlale isikhathi eside khona,” kusho umthombo osondelene naleli qembu laseMgungundlovu.

Uqhube wathi iqembu alizange liphikisane nesicelo sakhe kwazise nemali ebibekwa yiBrazilians etafuleni beyigculisa.

“Iyifakile imali iSundowns ayidlalanga ngoba u(Farook) Kadodia uze wathi uzokwazi ukuthenga esinye isitobha asiholele unyaka wonke qede asale noshintshi.

“Khona bayakhala ngoba ubengumdlali obalulekile kodwa njengoba bengenabaxhasi nje bekungelula bayeke le mali ebilethwa yiSundowns,” kuchaza lo mthombo.

UDe Reuck ubesehlale iminyaka emine kwiBlue Hearts, kanti njengoba eseneminyaka engu-25, kuthiwa ucele ukuyothola inselelo entsha kwenye indawo. Uzofika kahle kwiSundowns njengoba inokulinyalelwa yizitobha kule sizini.

Khonamanjalo, Impempe isithole ukuthi iPirates yahoxisa isicelo sayo sokuthenga lo mdlali ngemuva kokuthola uThulani Hlatshwayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published.