SIHLE NDLOVU
IMamelodi Sundowns ilokhu isondela ekuqukuleni isicoco seligi okwesine kulandelana ngemuva kokushaya iMaritzburg United ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Stadium, ngoLwesithathu ntambama.
Ukuwina kweSundowns kuchaza ukuthi isivule igebe lamaphuzu amane phakathi kwayo naMaZulu FC alele isibili kwilogi.
ISundowns seyidlale imidlalo engu-25 kanti AmaZulu asedlale engu-26.
ISundowns iqale lo mdlalo ngaphandle kwabadlali bayo ababili uKermit Erasmus noLebogang Maboe.
UGift Motupa uqale umdlalo wakhe wesibili kule sizini egqoke imibala yeSundowns.
Ngomzuzu ka-12 amaBrazilians agqemeke engeqiwa ntwala ngesikhathi kulimala uThemba Zwane (odonseke umsipha eyedwa). Indawo yakhe ithathwe nguSibusiso Vilakazi.
UDusan Stevic weMaritzburg uzamile ukubuza ukuthi uphapheme yini uDenis Onyango ezintini zamaBrazilians ngomzuzu ka-15 kodwa washaya isithuphuluzana asicoshe kalula lo nozinti.
Ibuyile iSundowns ngomzuzu ka-17 uPeter Shalulile wakhahlela ibhola elishaye ipali labuyela enkundleni esesele uMarcel Engelhardt.
Kube yikhona ephinde yathola uShalulile emi kahle ngomzuzu ka-18 walingqofa laphinde lashaya ipali selimdlile futhi unozinti weTeam of Choice.
Ngomzuzu ka-23 uBongokuhle Hlongwane bekumele alibeke enetheni esebhekene no-Onyango kodwa ibhola lakhe laphuma phezulu kwepali.
Umdlalo ubuphethwe yiSundowns ikakhulukazi esiswini kodwa iMaritzburg ibibukeka iyingozi uma ike yathola ibhola.
Ngomzuzu ka-36 uHlongwane uphinde wageja igoli ngekhanda ngemuva kwebhola elihle ebeligotshwe nguThabiso Kutumela.
ISundowns ithole iphenathi ngemuva kokuthi uClayton Daniels edlalise kabi uGift Motupa. URicardo Nascimento uyibeke phakathi ngomzuzu ka-39 kwaba wukuqala kosizi lweBlue Hearts.
UHlongwane uphinde walahla elinye ithuba ngomzuzu ka-41 ibhola abelikhahlelile liphuma kancane eceleni kwepali.
Ngesiwombe sesibili lithe ukwehla kancane izinga lomdlalo nokufakazelwe ukuthi akukho okutheni okwenzeke emizwini yokuqala.
Ibhola elikhahlelwe uThapelo Morena ngomzuzu ka-64 alizange limhluphe nakancane unozinti weTeam of Choice.
Igoli eliqinisekise ukuthi amaphuzu asala wonke ePitoli lishaywe uMotupa ngomzuzu ka-71. Lo mdlali ubeqala ukushaya igoli selokhu efike kumaBrazilians ekuqaleni kwesizini.
Emdlalweni olandelayo iSundowns izobhekana neTS Galaxy ngeSonto ngo-3 ntambama eMbombela Stadium.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA