Sesiyohlangana eJozi, kusho owoSuthu obheke kwiChiefs

USiyethemba Sithebe
Sihle Ndlovu

USiyethemba Sithebe kudingeke aqine ngokomqondo ngemuva kokuthi etshelwe ukuthi ngeke eselagqoka ijezi laMaZulu FC kuze kuphele isizini ka-2021/2022.

Lokhu kulandelwe yizindaba zokuthi ubesesayine inkontileka yesibambiso neKaizer Chiefs, okuyinto engehlanga kahle kubaphathi beqembu.

Umengameli woSuthu, uSandile Zungu, walibeka ngembaba elokuthi lo mdlali obegqoka unombolo 10 kuMaZulu, ngeke aphinde agqoke ijezi loSuthu ngoba ubahambe ngemuva ngoJanuwari wayokhuluma neChiefs.

Ngesikhathi eqeda ukuziqeqesha noSuthu ngeledlule, lo mdlali ubezihlekela exoxa nalabo abajwayele kwabezindaba. Akavunyelwe ukukhuluma nabezindaba ngakho uphendule kafushane ngesikhathi ebuzwa ukuthi usesamukele yini isimo sokungadlali.

“Ngeke bavume ngikhulume mfwethu,” kusho uSithebe ehleka.

“Nokho engingakusho ukuthi sekusele amasonto ambalwa ukuthi ngikhululeke. Sesiyohlangana eJozi, iyobonana kwiphaseji (yasenkundleni) khona eJozi.”

Ukukhuluma kanje kwalo mdlalo kuwukuvuma ukuthi uya kuyona iChiefs ngesizini ezayo okuyinto angakaze akhulume ngayo. Yinyanga yesihlanu le ejima neqembu kodwa engalitholi ithuba lokudlala.

Inkontileka kaSithebe noSuthu iphela ngoJuni nokuchaza ukuthi ngoJulayi uzobe esevunyelwe ukujoyina iqembu lakhe elisha Amakhosi. Isizini yeDStv Premiership izogoqwa ngoMeyi 21.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.