Sesolanyulelwa ukubuya koLorch nabanye: Davids

Sesolanyulelwa ukubuya koLorch nabanye: Davids
UThembinkosi Lorch
UDABA: OkaDonga 
ISITHOMBE: Twitter

I-Orlando Pirates ayizugijimela emakethe uma sekuvulwe iwindi lokusayina abadlali ngoJanuwari.

Lokhu kucaciswe ngumqeqeshi waleli qembu uFadlu Davids ekhuluma nabezindaba ngemuva kokudlala kwabo ngokulingana ngo 0-0 neBaroka ngoLwesine kusihlwa.

IPirates idlale kahle kulo mdlalo kodwa yehluleka wukugqobhoza udonga lwasemuva lwezikaKgoloko Thobejane.

UDavids uvumile ukuthi ngisho bebengadlala eminye imizuzu engu-45 bebengeke balithole igoli.

Kodwa unethemba lokuthi uma sekuqala umzuliswano wesibili ngoFebhuwari bazobe sebebukhali kangcono phambili.

“Ngicabanga ukuthi ngesikhathi sekuvulwe iwindi lokusayina abadlali thina sizohlomula khona la ngaphakathi eqenjini,” kusho yena uma ebuzwa ngokuthi bazoqinisaphi.

“Lokhu ngikusho ngoba kuzobuya uThembinkosi Lorch, uVincent Pule, uZakhele Lepasa noRichard Ofori.

“Asikhulume iqiniso nje, oLepasa, Pule noLorch abadlali bethu baphambili ababukhali labo.

“Kucacile ukuthi siyashoda kakhulu ngabo njengoba bengekho nje futhi ukubuya kwabo kuzosisiza kakhulu.”

Laba badlali akhuluma ngabo uDavids bebelimele futhi sebehlale isikhathi eside ngaphandle kodwa sebeqalile ukujima neqembu.

Nokho abakafiki esimweni esifanele sokuthi sebengafakwa eqenjini eliya emidlalweni.

Kunethemba ke lokuthi kuyothi kubuyelwa enkundleni ngwemuva kwekhefu elizoba lide ngenxa yemidlalo yeCaf Africa Cup of Nations.

“U-Innocent Maela naye usebuyile useqalile ukulwela ijezi. Sekushoda abuyele kahle esimweni esifanele.

“Ziningi izindawo esidinga ukuqina kuzo esithemba ukuthi ukubuya kwabo bonke abadlali bethu kuzosisiza kakhulu.

“Ikakhulukazi uma ubheka uLepasa, Lorch noPule – bobathathu babalulekile…

“Ngisho ungaya kuliphi iqembu uma lidlala engekho amafolosi alo lidonsa kanzima.

“Uma kwiLiverpool kungalimala uSalah, Firmino noMane, ngeke ibe bukhali ngale ndlela eyiyo phambili.

“Ukubuya kwabadlali bethu baphambili kuzosiqinisa kakhulu,” kusho uDavids.

Ekhuluma ngomdlalo, uDavids uthe baphoxekile ngokuthi abakwazanga ukuthola amaphuzu agcwele.

“Bekuwumdlalo obekumele siwunqobe lona, uma sikhuluma iqiniso nje.

FUNDA NALA: IPirates ipaquze yadela ibhekene neBaroka

“Kodwa ngeke ubasole abadlali uma ubheka indlela abadlale ngayo, abacindezele ngayo nabakhe ngayo amathuba.

“Siyazi kodwa bekumele senze kangcono (ngokwemiphumela). Kulamathuba esibe nawo esiwombeni sokuqala bekumele siwashaye amagoli okungenani amabili.

“Indlela ebesenza ngayo ibisebenzela bona. Siyabazi ukuthi bayinkinga ngesiwombe sesibili.

“Bangompetha bokumosha isikhathi. Besazi bazoqala benze lokho. Bekungapheli sikhathi esitheni kube sekunomdlali wabo oselele phansi.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.