Seyimtholile umqeqeshi omusha weBafana iSafa

U-Advocate Tebogo Motlanthe

OKADONGA GUMBI

Seyigcine imtholile umqeqeshi ozongena esikhundleni sokuqeqesha iBafana Bafana iSafa.

Lesi sikhundla sisale singenamuntu kulandela ukuxoshwa kukaMolefi Ntseki kulandela ukuhluleka ukufaka iqembu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).

Nokho ukuthi ngubani umqeqeshi omusha weBafana sekuyoze kwazise ngeviki elizayo, ngokusho kweSafa esitatimendeni esikhiphe ngoLwesihlanu ntambama.

“Sesiqede konke obekusele futhi umqeqeshi omusha sizomethula ngeviki elizayo. Zombili izinhlaka (iSafa nomqeqeshi) sezikulingise konke obekusadinga ukuxoxwa, osekusele wukuthi simethule kubantu nglkusemthethweni ngeviki elizayo,” kusho isikhulu esiphezulu kwiSafa, u-Advocate Tebogo Motlanthe.

ISafa bekulindele imethule ngempelasonto edlule umqeqeshi, kodwa yahlehlisa. Yakhala ngezingqinamba zokuhambela amazwe ehlukene ngenxa yemigomo eqinile ebekelwe ukuvimbela ukubhebhetheka kweCovid-19.

Yathi izomethula kuleli viki, kodwa kuvele kwathuleka, kwagcina kuvela izinsolo zokuthi abebemqashile ubachayisile.

Kuvele nokuthi iSafa ike yazama ukunxenxa uPitso Mosimane ukuba abuye le e-Egypt azophinde asize kwiBafana, kodwa wenqaba.

Amagama abaqeqeshi abahlonishwayo oHugo Broos, Herve Renard noCarlos Queiroz iwona abendiza phezulu. Bekuthiwa basohlwini lwabahlanu abaqokwa yithimba elibhekelele ukuqeqesha kwiSafa.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.