Seyinamaphupho amakhulu iTshakhuma eqale isizini iyihlaya

Abadlali beTshakhuma Tsha Madzivhandila

OKADONGA GUMBI

Ukuphupha kuhlale kuthiwa yinto enhle ngoba kukunika into ozolwela ukuyifeza, kanti lokhu kubukeka kuyiwona umgomo weTshakhuma Tsha Madzivhandila njengoba isibheke ukudla isicoco seNedbank Cup, bese iqeda ingaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwiligi.
Ekuqaleni kwalo nyaka, lokhu bekungabenza baphenduke ihlaya abaleli qembu uma bekusho ngenxa yokuthi izinto bezimapeketwane. Kodwa manje sekujike kakhulu.
ITTM kumanje isingene kweyandulela owamanqamu kwiKe Yona la izobhekana khona nozowina phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.
Umqeqeshi obambile kwiTTM, uDavid Mathebula uthe okubajabulisa kakhulu wukuthi abadlali ababonakala sebekuthokozela ukudlala kuleli qembu.
ITshakhuma iwashise omkhaya bayo, iBlack Leopards ngempelasonto emdlalweni obudle ngokushisa njengoba abengancengani lamaqembu.
“Bekungumdlalo womkhaya ngakho ukuzigqaja bekuhamba phambili,” kusho uMathebula kwiSAfm. “Kodwa okubaluleke kakhulu wukuthi abadlali sebebonakala bekujabulela ukudlala manje.”
Uthe ukufika kwabaphathi abasha abaqinisekise ukuthi zonke izinsiza zikhona eqenjini yikho okujike izinto.
“Lokho kusize kakhulu ukuthi sibone imiphumela ngoba ukuze abadlali bakhiphe amangwevu enkundleni, kumele abaphathi benze izinto ngendlela efanele. Yilokho abaphathi abasha abakwenzayo.
“Kuyasiza ukuthi nami bengingumdlali ngoba kumele ukuqonde abakudingayo, ukuthi bacabanga kanjani nokuthi yikuphi okubagqugquzelayo,” kuchaza uDVD, okuyigama ayebizwa ngalo lo mqeqeshi esadlala kwiKaizer Chiefs.
Uthi basazoqhubeka nokufaka wonke umfutho kwiNedbank Cup ukuze bahlale benomuzwa wokunqoba.
“Abaphathi bathi asiwafake wonke amangwevu emidlaweni yendebe ukuze sakhe ukuzethemba kubadlali, sithole nomuzwa wokuwina ohambisana nomgqigqo.
“Asikho endaweni enhle kwilogi, kodwa asikubuki ngeso lokuthi sivika izembe, sikubuka ngokuthi sifuna ukuya endaweni engcono.
“Sifuna ukuqoqa amaphuzu ngoba leli qembu kumele libe kulesi sigaba nangesizini ezayo.
“Lokhu kuzoba wusizo kubadlali abasebancane baseLimpopo abazothola ithuba eqenjini leMDC.”

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.