Seyiqoke abazothatha esikaKonco iCeltic

USainty Molale

OKADONGA GUMBI

Seyisheshe yasivala isikhala esivuleke ngesikhathi idiliza uKhumbulani Konco obeyisikhulu esiphezulu iBloemfontein Celtic.

UKonco utshelwe ngasekuqaleni kwale nyanga ukuthi iqembu alisezukhona ukuqhubeka naye ngakho uzodilizwa, nokube sekwenzeka ngoMsombuluko.

Nokho usihlalo weqembu, uMax Tshabalala usesheshe wasivala isikhala sakhe eqasha uSainty Molale esikhundleni sokuba yimenenja jikelele.

Uzolekelelwa nguMercy Chidi oqashwe njengesekela lakhe. Ngokwesitatimende seqembu, uMolale useke wabamba izikhundla ezehlukene zokuphatha kuleli qembu.

UMercy Chidi

Kumanje uyilungu leBhodi yabaPhathi lePremier Soccer League (PSL) kanti useke waba ngumsizi kaTshabalala phambilini.

Wabe esenyuselwa kwesokuba ngunobhala weqembu la abesebenzisana khona ngokubambisana noKonco.

UChidi naye usenesikhathi ekuleli qembu laseFree State. Ube ngungcinimabhuku iminyaka eyishumi kwenye yezinkampani zikaTshabalala kanti wake wabamba njengomqondisi kwiRoses United isaphethwe nguTshabalala.

“Angikungabazi ukuthi sizowenza ngendlela umsebenzi ngalaba baphathi abasha ngoba sesivele sisebenze ndawonye iminyaka engaphezu kwemihlanu. Bayalwqzi futhi bayaluhlonipha usiko lweqembu,” kusho uTshabalala.

Khonamanjalo, uKonco uthe kumethusile ukusheshiswa kohlelo lokudilizwa kwakhe, wathi kodwa usekwamukele futhi akananxa noTshabalala.

UKonco uxoshwa nje ubesanda kubuya ekunisweni kulandela ukuxabana nosihlalo okwagcina sebethethisana.

“Ngabuya, waxolisa, ngaxolisa futhi ngokwami yonke into beyisibuyele esimweni,” usho kanje ekhuluma nezintatheli ngoLwesithathu.

Naye uKonco kubukeka ezosheshe awuthole omunye umsebenzi njengoba sekuvele ukuthi maningi amaqembu ameshelayo okukhona kuwo naMaZulu FC.

Uthe yena ubengakathintwa muntu ngomsebenzi wathi kodwa kungenzeka kushaye iviki elizayo sekukhona okuvelile.

Kungenzeka nokuthi aqashwe kwiPremier Soccer League ukuba ayofunda umsebenzi ngaphansi kukaMato Madlala ngenhloso yokuthi athathe isikhundla ngokugcwele esikhathini esizayo.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *