Seyiyakhanya indlela yePirates kwiConfed Cup

Seyiyakhanya indlela yePirates kwiConfed Cup
OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates seyisalelwe wukuthi ithole amaphuzu amabili emidlalweni emibili esele esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederation Cup ukuthi ivule indlela ebheke emzuliswaneni womkhumulajezi.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iqede ishobolo lokuhlulwa ngokuthi ishaye iRoyal Leopard ngo 3-0 ngeSonto kusihlwa e-Orlando Stadium.

IPirates seyinamaphuzu ayisishiyagalolunye kanti yiyo ephezulu eqoqweni layo. Nokho isangehla uma kungawina i-El Ittihad emdlalweni ongeSonto ebusuku.

Indlela iPirates ewuqale ngayo lo mdlalo yile beyilindelekile njengoba kuyiyo ebiphatha ibhola isikhathi esiningi futhi izenzela kuleli wembu laseSwatini.

UNcamiso Dlamini ukhombise ukuba ngunozinti emuhle efunda ingozi qede waphuma wahlangabeza uKwame Peprah obesephume yedwa, wamphazamisa.

Nokho ithuba elicacile lePirates liqhamuke ngomzuzu ka-24 uKabelo Dlamini ebekela uFortune Makaringe ibhola esephambi kukanozinti.

Uthe uyahlaba uyadla uMakaringe, wenqaba uNcamiso Dlamini njengoba elichithile ibhola lakhe laphuma eceleni.

IPirates beyizenzela kulo mdlalo futhi kuyiyo ephethe ibhola isikhathi eside kodwa ibingabonakali ijahile ukushaya amagoli.

NeLeopard iwatholile awayo amathuba kanti beyingayizuma iPirates kodwa nayo beyingekho bukhali uma kuyiwa phambili.

FUNDA NALA: ISundowns ithembisa ukubaqondisa izigwegwe abalandeli abavimbe ibhasi le-Al Ahly

Zithe zibuya ekhefini iPirate syabe seyilithola igoli lokuqala nokube ngelihle elishaywe uMakaringe odonse intambo ekude nepali.

UTerrence Dzvukamanja, ongene ngemuva kwekhefu ethatha indawo kaPeprah, uhlulwe imbuzi yethuba ezithola engamakiwe ephansi kwepali kodwa washaya inti ephume phezu kwepali ngomzuzu ka-55.

Nokho kungakapheli nomzuzu ngemuva kwalokho Pirates beyisihamba phambli ngo 2-0 kulandela ukuthi uGoodman Mosele ekhiphe uDlamini ngenhle iphasi le.

Naye akazange esalenza iphutha walishaya laphambana naye unozinti obethi uyaphuma uzomvalela izikhala.

UDzvukamanja uligezile igama lakhe ngomzuzu ka-70 ngesikhathi engqofela phakathi ibhola obekuyikhona egotshwe uDlamini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.