Sezikhala enyameni izinqumo zonompempe kuTembo weSuperSport

Umqeqeshi weSuperSport United, uKaitano Tembo

MTHOKOZISI MNCUSENI

Uphinde wakhala ngokufakwa umunwe esweni umqeqeshi weSuperSport United, uKaitano Tembo ngesikhathi elahla amaphuzu kuMaZulu ngoLwesibii emdlalweni weDStv Premiership eJonsson King’s Park, eThekwini.

Emidlalweni emibili edlule yeSuperSport lapho ibambane khona ngo 1-1 ngokwahlukana neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uTembo ukhale ngokuncishwa amaphenathi abengenza le miphumela ihluke kakhulu.

Naku lo abashaywe kuwona ngegoli elilodwa likaSiphelele Mthembu, uTembo ukhale isililo esifanayo yize ekwamukela ukuthi inhlanhla ibingekho ngakubo.

“Ngaphandle kwephutha esilenze bethola igoli okube yilona lodwa, akukho elinye iphutha engilibonile. Ngibone kuyithi iqembu elingcono ngakho konke kulo mdlalo uqala uze uyophela.

“Nakulokhu izinqumo bezisiphika okuyinto esiqala ukujwayeleka kodwa konke besikwenza ngendlela ebesifisa ngayo ngoba nebhola belikithi iziwombe zombili,” kusho yena.

Lo mqeqeshi uthi yize kuyiphutha labo ukuthi bebekwenza konke kodwa kunqabe igoli, ukholelwa ekutheni babanjwe inkunzi.

“Njengoba besihlelile, ibhola besiliphethe nasezindaweni lapho ebesiyingozi ngempela kubo kodwa kunqabe lona igoli.

“Ngiyakholwa ukuthi bekumele sinikwe iphenathi ngasekugcineni komdlalo kodwa zaphinda zanqaba izinqumo,” kulandisa yena sakubalisa.

Lo mphumela ushiya iSuperSport ibambelele endaweni yesibili lapho ingcono khona ngephuzu elilodwa kwiPirates. Imidlalo ingu-19 kuwona womabili la maqembu.

“Kufanele sisheshe sikhohlwe yilo mdlalo ngoba ngeke sisashintsha lutho ngawo. Okufanele sikwenze ukubheka umdlalo olandelayo nawo ozobe unzima ngokwawo.

“Kubalulekile ukuthi abadlali baphumule ngoba uLwesihlanu esidlala ngawo futhi ususeduze. Akukho okuningi esizokwazi ukukwenza ngoba isikhathi asikho kodwa kusemqoka ukuthi abadlali baphumule sibheke nokuthi kubona obani esizokwazi ukubasebenzisa ngoLwesihlanu,” kuqhuba uTembo.

ISuperSport izokwamukela i-TS Galaxy ngoLwesihlanu emdlalweni weligi. “Kuzobanzima kwiGalaxy. Sinezinsuku ezimbili ukuyilungiselela ngakho-ke akukho okunye.”

Email: mthokozisi@impempe.com

Twitter: @MthokozMncuseni

Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.