Sezikhishiwe izinombolo zabasha kwiChiefs, ngabe seyiqedile ukusayina?

Sezikhishiwe izinombolo zabasha kwiChiefs, ngabe seyiqedile ukusayina?
USiyethemba Sithebe uzothwala unombolo 6 kwiKaizer Chiefs
Sbongs Gumbi

IKaizer Chiefs yenze ekujwayele ngesikhathi yenza amavidiyo akhangayo ethula izinombolo ezizobe zithwelwe abadlali bayo abasha ngesizini ezayo ngoLwesihlanu ntambama. 

Nokho abalandeli bazosala nombuzo wokuthi ngabe lokhu kuchaza ukuthi ukuthi seyiqedile yini emakethe njengoba seyenza obekulindeleke ikwenze uma seyethula iqembu eliphelele. 

Amakhosi adedele abadlali abangu-13 ekupheleleni kwesizini edlule ebingeyinhle neze kwaze kwaholela ekutheni kuxoshwe obengumqeqeshi uStuart Baxter. 

U-Arthur Zwane nguye obe eseqokwa njengomqeqeshi ozohola leli qembu, alibuyisele ezinsukwini zakudala zenjabulo nokudla izicoco.  

Kodwa yize lolu guquko lufike nenjabulo kukhona abalandeli ababona iqembu lingakapheleli ngokufanele futhi kusenezindawo ezidinga ukuqiniswa.  

Njengoba kudedelwe abagadli ababili oSamir Nurkovic noLeonardo Castro, lezi zinkunzi zaseSoweto zisale nqunu phambili. Kusasayiniswe u-Ashley Du Preez kuphela.  

IChiefs kusalindeleke isayine okungenani abanye abagadli ababili ukuze kube nokuncintisana okufanele phambili.

KOdwa ke kungenzeka uZwane ajike indlela iqembu elidlala ngayo asebenzise oKhama Billiat noKeagan Dolly njengabagadli esikhundleni sasesiswini. 

Umdlali onebhola elinomjiko omuhle uKamohelo Mahlatsi uzogqoka unombolo 5 kuMakhosi kulandela ukusayinwa kwakhe esuka kwiSwallows FC.  

UZitha Khwinika, oyisitobha esisayine kwiChiefs sisuka kwiStellenbosch FC, yena uzofaka unombolo 4 obugqokwa nguDaniel Cardoso okweabanye babadlali abakhonjwe indlela.  

FUNDA NALA: Oshiye eshiphile kwiChiefs usethole ikhala elisha kwiSekhukhune

USiyethemba Sithebe, owasayina esuka kuMaZulu FC kwasuka esinamathambo, uzogqoka unombolo 6. Le namba beyigqokwa nguKearyn Baccus ngesizini edlule. 

Umdlali oyisikhwishikhwishi uDillon Solomons, naye ofike eNaturena esuka kwiSwallows, uzobe ethwele unombolo 18 owagcina ukusetshenziswa nguKgotso Moleko.

Umdlali wasesiswini uLehlogonolo Matlou yena uzobe egijima ethwele unombolo 22 emhlane owagcian ukusetshenziswa nguPhilani Zulu. 

Umgadli obhekwe ngabomvu uDu Preez yena unikwe unombolo 9 obugqokwa nguNurkovic ngesizini edlule.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.