Seziluliwe izinkontileka ‘zamakhehla’ kwiChiefs?

Abadlali beKaizer Chiefs
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Belulelwe ngonyaka izinkontileka zabo abadlali asebethathwa ngokuthi ‘bangamakhehla’ njengoba sebenesikhathi eside bedonsa kwiKaizer Chiefs. Laba badlali bangabanye babekubhekwe ukuthi bazodedelwa njengoba kulindeleke iChiefs iliqale kabusha iqembu ngoJulayi uma sekuphele isigwebo sayo sokungasayini abadlali.

Impempe seyithole ukuthi oWillard “Salt and Vinegar” Katsande noBernard “Die Hond” Parker bazosala uma sekuvulwa amasango eNaturena. Kuthiwa umqeqeshi omusha, uStuart Baxter uthe abagcinwe okungenani isizini eyodwa ukuze bajwayeze abafana abeza emuva kwabo umsebenzi.

“Kufana nokuthi bona bazogada umsebenzi ngoba cishe abezukudlala njalo kodwa bazohlale bekhona ukungena basize uma sebedingeka,” kusho osondelene naleli qembu ongathandanga ukuvezwa.

UKatsande, oneminyaka engu-35, wafika kwiChiefs ngo-Agasti ka-2011 kanti uselisebenzele ngokuthembeka yonke le minyaka iqembu. Ungomunye wabadlali abahlezi bekulungele ukufaka igeja phansi.

Nokho kule minyaka embalwa edlule useqala ukubonakala ukuthi iminyaka ayisamvumeli kahle kodwa ukuzinikela kwakhe kusafana nakudala, kube yikho ukuthi kubuye kwale amandla.

UParker naye uneminyaka engu-35 kanti kuthiwa usebekiselwe nokuthi anikwe isikhundla ezinkulisa zeqembu ema sekufika isikhathi sokuthi awagaje ethala amakhokho.

Lokhu kwenziwa wukuthi ungomunye wabadlali abaziphethe ngendlela encomekayo njengoba engatholakali enza izinto ezingezinhle. Yena wafika kuqala ngenyanga kunoKatsande kwiChiefs. Wafika ngoJulayi ka-2011.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.