Seziyafunda izingane ezizalwe iChiefs igcina ukuwina indebe

Sihle Ndlovu

Igcina ukuwina isicoco seligi, noma iyiphi-ke nje enye indebe iKaizer Chiefs, ingane esifunda ufestiye (uGrade 1) yayizalwa.

Amakhosi agcine ukuphakamisa indebe ngo-2015 lapho equkule khona eye-Absa Premiership (esibizwa ngeDStv Premiership) ngaphansi kukaStuart Baxter. Kule sizini yayivutha kakhulu iChiefs njengoba yahlala esicongweni zisuka kwaze kwaphela isizini. Nokho isomiso sivele sahlasela kuleli qembu laseNaturena eseliwine izindebe ezingu-93 eminyakeni engu-43.

Ngisho ukubuya kukaBaxter ngesizini edlule akuliqedanga ishobolo lokugejwa yizindebe eNaturena. Kunalokho lo mqeqeshi wase-England ugcine ekhonjwe eza ngayo ngoba izinto zingahlangani nhlobo ngesizini edlule.

Abanye abaqeqeshi abafike kwiChiefs bahluleka bancama ukubuyisa isithunzi seqembu ngokuwina izindebe, nguGiovani Solinas, uSteve Komphela, ngu-Ernst Middendorp noGavin Hunt. Ingane ezalwe ngo-2015 seyiqeketha izindaba manje futhi mhlawumbe isiyazi ukuthi kukhona iChiefs njengoba isineminyaka eyisikhombisa. Nokho engachazelwa kona ukuthi leli qembu laseNaturena lagcina ukuphakamisa indebe ingakakuboni nhlobo okwenzeka kulo mhlaba.

Konke lokhu kuzomele kushintshwe ngu-Arthur Zwane ngokubambisana nephini lakhe uDillon Sheppard njengoba kuqala isizini entsha yeDStv Premiership. Mkhulu umsebenzi ohlalele laba baqeqeqeshi okuwukuwinisa iChiefs indebe okokuqala eminyakeni eyisikhombisa. Uma bengakwenzi lokhu kule sizini izingane ezibheke eminyakeni eyishumi zingase zingayikhethi iChiefs njengeqembu ezingalilandela.

Amakhosi azovula imidlalo yeligi ngokubhekana neRoyal AM emdlalweni wamagqubu eChatsworth Stadium, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama. IThwihli Thwahla ishaye iChiefs kabili emidlalweni yeligi ngesizini edlule, nokuzokwenza ukuthi lo mdlalo uhlabahlose.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.