SHWII!: Muhle umsebenzi owenziwe yiMomentum kwikhilikithi yabesifazane

UNonkululeko Mlaba

SIHLE NDLOVU

Kumele lishayelwe elikhulu ihlombe iqembu laseNingizimu Afrika lekhilikithi labesifazane ngomsebenzi omuhle eliwenze e-India lapho belivakashe khona.

Izintokazi zakuleli zibukeka zikhula kakhulu kwikhilikithi yomhlaba futhi lokhu kuzokwenza namanye amazwe azibuke ngamanye amehlo uma ezobhekana nazo. AmaProteas abesimame abuye nezindebe ezimbili e-India lapho ebeyodlala khona imidlalo ewuchungechunge emihlanu yosuku olulodwa nemithathu yeT20.

INingizimu Afrika iqale ngokubhaxabula iqembu lasekhaya ngo 4-1 kweyosuku olulodwa yase ilandelisa ngokulishaya ngo 2-1 kweyeT20. Bekungokokuqala ngqa amaProteas eshaya i-India emidlalweni ewuchungechunge yeT20, nokuchaza kona ukuthi leli qembu lesizwe lakuleli liya ngokuya lidlondlobala.

Lokhu akungabazeki nakancane ukuthi kuzobajabulisa abaxhasi, iMomentum, abanqume ukufaka imali yabo kuleli qembu eminyakeni eyishiyagalombili edlule. Ngesikhathi bethatha lesi sinqumo iqembu lakuleli lalithathwa njengama-amesha nje, ngoba akukho zinkontikela abadlali ababenazo neCricket South Africa (CSA) njengoba kwase kuvele kwenzeka eqenjini labesilisa.

Okuhle kakhulu ngeqembu lakuleli labesifazane ukuthi azikho izixakaxaka ezilokhu zivela njengoba kwenzeka eqenjini labesilisa. Lezi zixakaxaka eziqhamuka kwiCSA kodwa zibhekene neqembu labesilisa, akungabazeki ukuthi ziyayiphazamisa indlela iqembu okulindeleke ukuthi lidlale ngayo.

Ngasohlangothini lwabesifazane kugqame ukukhula ngesivini kweqembu lonke nabadlali ngamunye. Okunye okuhle kakhulu ngaleli qembu lethu labesifazane ukuthi lixube abadlali abanamava kwikhilikithi nalabo abasebancane kodwa okucacayo ukuthi bafunda ngokushesha.

ULizelle Lee, obhethayo, kukhulu azokufundisa abadlali abasafika kumaProteas nalabo abasazofakwa eqenjini ezinyangeni ezizayo ngaphambi kokuthi kudlalwe iNdebe yoMhlaba. ULee useyihambe kakhulu le ndlela futhi uyena obukeka ewumgogodla weqembu uma kukhulunywa ngokubhetha.

Kukhona nabadlali abafana Shabnim Ismail noMarizanne Kapp abanamava kakhulu ekushwibeni. Njengoba kukhona umdlali ofana noNonkululeko Mlaba (oshwibayo) osanda kungena kumaProteas, akungabazeki nakancane ukuthi uzohlomula lukhulu kulaba badlali asebemnkantshubomvu kwelesizwe.

Okubalulekile nje ngeqembu labesimame ukuthi kungathathi isikhathi eside kakhulu ukuthi kufakwe abanye abadlali abasebancane ukuze bajwayele besekhona laba abenza kahle. Akumele vele kulindwe baze bathi khumu abadlali abakhona njengamanje eqenjini, ngaphambi kokuthi kujwayezwe abazoqhubeka nale nto enhle abayenzayo njengamanje.

Likhulu ithemba lokuthi okwenziwa amaProteas sizokubona kukapakela emiqhudelwaneni yeNdebe yoMhlaba lapho sifuna khona kakhulu ukwenza kahle sibhekene nazwe ahlonishwayo kwikhilikithi emhlabeni. Okufanele kwenzeke nje ukuthi iqembu kumele lesekwe ngayo yonke indlela njengoba kwenzeka, bese futhi lihlale lihlelelwa imidlalo namazwe ahamba phambili kwikhilikithi emhlabeni.

Kuyohlale kuyinto enkulu kakhulu ukuya e-India kweqembu lethu lifike lidedele

induku, libuye nezindebe ezimbili kade kungalindele muntu. Kumele ashayelwe elikhulu ihlombe uSune Luus, ukaputeni, nezintokazi abambisene nazo kwelesizwe ngale mpumelelo engumlando omuhle kangaka. Impempe.com ithi halala kumaProteas kumele aqhubeke nokuphakamisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika. Shwiii!

USihle Ndlovu ungumhleli weMpempe

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.