SHWIII!: Akuvele kuvalwe imidlalo yokuhlunga, kuzokwehla le nkinga yamacala

Njengamanje sinamaqembu amathathu angazi ukuthi azobe edlala kwiChampionship noma kwiPremiership yini ngesizini ezayo.
Abadlali beSekhukhune United

UMBONO

UBHALWE: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Akumnandi ukukhuluma ngento eyodwa njalo. Kodwa ngoba la mahlathi ayiPremier Soccer League (PSL) ayathanda ukulokhu enza into efanayo, asilokhu sidavuza kuyona le nsambatheka yokuthi yiliphi ngempela iqembu obekumele likhuphukele kwiDStv Premiership.

Asisekho nesidingo sokuchaza manje ukuthi iRoyal AM neSekhukhune United sebegqigqa ezinkantolo kubangwa ukuthi yiliphi iqembu obekumele liqede phezulu kwiGladAfrica Championship.

I-PSL ake ibuke lesi simo sokugawulwa yizembe nokukhushulwa kwamaqembu ngenye indlela. Vele lesi simo esikusona njengamanje sidalwe ukushintsha izinto kwayo iPSL kumasizini amaningi edlule.

Kwakungekho nomncane umsindo ngesikhathi amaqembu amabili asuke eqede emsileni edliwa yizembe bese kuthi amabili aqede phezulu kwiChampionship (NFD) anyukele esigabeni esikhulu.

Ngiyazi abaphathi bePSL babezama ukuthi iPremiership iphakame ngesikhathi benciphisa amaqembu esuka ku-18 eya ku-16. Yaphakamake futhi iligi yethu yabalwa nahamba phambili emhlabeni.

Nokho ukuphakama kweligi yethu kubukeka kuyixhela iPSL uma kubhekwa indlela edwanguza ngayo ebumnyameni uma kukhulunywa ngokuthethwa kwamacala nakho ukwehliswa nokwenyuswa kwamaqembu.

Kungakuhle ukuthi sivele sibuyele endleleni yakudala yokwenza izinto ukuze singalokhu siba nenkinga uma sekuphele isizini. Awabuyele kwangu-18 amaqembu kwiPremiership, aphinde abe ngu-18 kwiChampionship.

Izembe alikhale emaqenjini amabili aqede ekugcineni kwiPremiership, bese amaqembu amabili aqede phezulu kwiChampionship anyukele esigabeni esiphezulu. Mayelana nabaxhasi, u-Irvin Khoza nezakhe, sekungamele baxoxisane ukuthi kwenziwa njani uma esenyukile amaqembu, ngoba ngiyazi vele lokho kungasho ukunyuka kwemali abaxhasi abayifakayo emiqhudelwaneni yePSL.

Njengamanje sinamaqembu amathathu
angazi ukuthi azobe edlala kwiChampionship
noma kwiPremiership yini ngesizini ezayo

Lo msindo nombango okhona njengamanje phakathi kweRoyal AM neSekhukhune, ngabe awukho ukube womabili amaqembu azonyukela kwiPremiership, alikho okumele lidlale imidlalo yokuhlunga.

Le not yemidlalo yokuhlunga iwumbhedo vele uma usuyibukisisa kahle. Yini iqembu eliqede kunombolo 15 kumele linikwe ithuba lokudlala eyokuhlunga? Angithi lisuke lihlulekile isizini yonke!

Ngaphandle kwalokho akukuhle nje ukuthi iqembu eliqede kunombolo 3 kwiChampionship kugcine kuyilona elinyukela kwiPremiership, ngenxa yokudlala imidlalo yokuhlunga.

I-PSL kumele ivume ukuthi isihlulekile ukulawula indaba yemidlalo yokuhlunga ngakho kumele ikhohlwe yiyo. Lokhu kuzonika ithuba elikahle amaqembu ukuthi alungiselele isizini entsha ngaphandle kokunaka imidlalo yokuhlunga engiyibona kumele iqedwe indaba yayo.

Ngiyazi amacala ngeke apheze ukuba khona kodwa kumele kuqale kuqedwe le midlalo yokuhlunga engenasidingo kuqala, bese sibone ukuthi alukho yini ushintsho.

Njengamanje sinamaqembu amathathu angazi ukuthi azobe edlala kwiChampionship noma kwiPremiership yini ngesizini ezayo.

Sebengasho nje abaphathi bala maqembu ukuthi abanankinga ngoba besaba abantu abathile kwiPSL. Iqiniso ukuthi kuyawathikameza lokhu okwenzekayo. Shwiii

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *