SHWIII!: Bazididelwe wukuphathwa yiSundowns abalandeli beChiefs nePirates

Abalandeli beKaizer Chiefs abamashela eNaturena
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Okokuqala nje ngifisa ukuhalalisela iMamelodi Sundowns ngokuba ngompetha beligi okwesine kulandelana, okuyinto eqalayo ukwenzeka kwiligi yaseNingizimu Afrika.

AmaSandawana akhombise ukuthi aqinile futhi amanye amaqembu agijima kwiDStv Premiership kumele abhukule ngempela uma ezimisele ngokuncintisana nawo. Bekuyisizini yokuqala futhi iligi ephezulub kuleli ixhaswe yiDStv njengoba isikhale yemuka neSundowns.

Ukuphumelela kweSundowns kanje kubukeka kufaka ingcindezi, ulaka nokuthatha ngamawala kakhulu kubalandeli beKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Ngaphandle nje kokuthi abalandeli bala maqembu aseSoweto bahlale beklolodelana bebodwa kodwa kubukeka kubagulisa ukungenzi kahle  kwamaqembu abo ngesikhathi iSundowns ilokhu iphula amarekhodi.

Angazi mbhedo muni lo obuwenziwa abalandeli beChiefs ngesonto elidlule, lapho bemashele khona emahhovisi eqembu beyokhalaza ngokuthi liyabahlaza ngokungenzi kahle kule sizini. Ngiyazi ukuthi bakhombisa uthando lweqembu impela bona kodwa kumele nemiqondo ibuye isebenze phela.

Kuthiwa abeBucs bazomasha ngoJuni 5

Le mashi ebingenasidingo angiboni ukuthi izosishintsha kanjani isimo esibhekene naMakhosi kule sizini. Bamashile impela kodwa nakhu isibhaxu siphinde sakhala eqenjini ngoLwesithathu libhekene neBlack Leopards. Yimuphike umehluko owenziwe ukumasha kwabo?

Okunye okungididayo ukuthi abalandeli beChiefs bayazi ukuthi iqembu likulesi simo nje yingoba alikwazanga ukusayinisa abadlali ekuqaleni kwesizini. Ngazi kahle ukuthi izinto zibukeka zizimbi kakhulu eNaturena njengamanje, kodwa mhlawumbe abalandeli beChiefs kumele balinde isizini ezayo ngaphambi kokuthi bahluthukelwe izinhliziyo.

Ababonge kona ukuthi iqembu liyatabalasa, liyazama kwiCAF Champions League. Nakhoke ngisathi nginambitha indaba yokuthatha ngoshukela kwabalandeli beChiefs, thushu abePirates sebefuna ukwenza okufanayo. Kanti bangenelwe yini abalandeli bala maqembu aseSoweto?

Kuthiwa abeBucs bazomasha ngoJuni 5 beyocela abaphathi beqembu ukuthi bamkhulule umqeqeshi uJosef Zinnbauer. Ngiyaqonda ukuthi akubanga mnandi kubalandeli beZimnyama ngesikhathi zishaywa ngo 4-0 yiRaja Casablancha emdlalweni weCAF Confederation Cup ngempelasonto edlule.

Nokho angiboni sikhona isidingo sokumasha nokufuna ukuthi kuxoshwe umqeqeshi. Kanti ibiqeqeshwa ngubani iPirates ngesikhathi iwina indebe yeMTN 8 ekuqaleni kwale sizini esiyigoqayo manje? Angithi uyena uZinnbauer lo abafuna ahambe, ohole iqembu laze lawina indebe okokuqala ngemuva kweminyaka emihlanu!

Ukuphumelela kweSundowns kanje kubukeka kufaka
ingcindezi, ulaka nokuthatha ngamawala kakhulu

Ngaphandle kwalokho iqembu lihleli endaweni yesine kwi-log futhi lisenalo ithuba lokubuyela emidlalweni yeCAF ngesizini ezayo. Le ngcindezi etholwa abalandeli ngokungcofana koFacebook noTwitter, ibukeka ibenza bangabe besafuna ukucabanga ngaphambi kokuthi bathathe izinqumo.

Abantu bayeke ukuya emsebenzini nje baqome ukuyomashela into engekho. Babhoreke kakhulu abalandeli beChiefs nePirates futhi lokhu ukuwina kweSundowns kubenza bangasakwazi ukubeka umoya phansi baqonde isimo samaqembu abo.

Ngiyawabongela amaSandawana ngokuwina isicoco seligi. Nokho ngiyaphoxeka ngokwenza kwabalandeli beZimpofana nabeZimnyama. Shwiii!!
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.