SHWIII!: Icathanyelwa wukuphuziswa umuthi wayo iSundowns

UManqoba Mngqithi noRivaldo Coetzee

SIHLE NDLOVU

Abakwazi ukukhuluma nokunonga ulimu baye bathi okwenza umfushane nomude kuyamenza, noma bathike inxeba lendoda alihlekwa.

Sengafunda ukuthi lokhu kuyiqiniso futhi wonke umuntu kumele akubeke emqondweni ngoba impilo iyisondo elijikayo.

Isimo seDStv Premiership sikhombisa ukuthi kungenzeka noma yini futhi alikho iqembu elingavele lithi selisithathile isicoco seligi.

Ngesizini edlule iqembu eliphoxeke ekugcineni yiKaizer Chiefs ehlale isikhathi eside eqhulwini kodwa yaphunyukwa yisicoco ngemizuzu yokugcina.

Abalandeli abaningi bebhola babenesiqiniseko sokuthi isicoco seligi sizoya eNaturena kodwa iMamelodi Sundowns yasihlwitha ekugcineni.

Le nto eyenze iChiefs ngesizini edlule isebuhlungu namanje kubalandeli bayo, futhi abathandi ukukhuluma ngayo.

Njengamanje kubukeka sengathi amaBrazilians azophinde aphakamise indebe yePremiership okwesine kulandelana.

Kodwa zikhona nezimpawu ezikhombisa ukuthi AmaZulu FC, avutha engabaselwe kulezi zinsuku, angamangaza abaningi ngokuhlitha isicoco ekugcineni.

Yebo izinto zivuma iSundowns ngoba iqhwakele futhi isalele emuva ngemidlalo ngenxa yokubuye iyibambe kwiCAF Champions League.

Kodwa imidlalo yakamuva ikhombisa ukwehla kwezinga kumaBrazilians kanti ngakolunye uhlangothi AmaZulu ayaqhubeka nokudedela induku.

Emidlalweni emine edlule edlalwe yiSundowns ishaye igoli elilodwa kuphela, yangawina nowodwa umdlalo.

Idlale ngokulingana kwemithathu yase ishaywa kowodwa. ISundowns kumele izikhumbuze ukuthi kwenzeke into efanayo kwiChiefs ngesizini edlule, ilahla amaphuzu emidlalweni yokugcina.

Lokhu kuphethe ngokuthi isikhombe isicoco siyositha eChloorkop. Njengoba sezihubela sakusha nje emidlalweni yeligi awukho nowodwa umdlalo olula.

Amaqembu alwela izinto ezihlukene futhi akulula ukusho ukuthi umdlalo uzogcina uwinwe yiliphi iqembu.

Okuhlalukayo nokho ukuthi amaqembu avika izembe yiwona ayingozi kakhulu ngoba alikho iqembu elifisa ukudlala kwiGladAfrica Championship ngesizini ezayo.

Okunye okuhlale kukhunjuzwa amaqembu ukuthi imidlalo asuke esalele ngayo emuva ayisho lutho ngoba ayiwona amaphuzu.

Ungasalela emuva ngemidlalo emihlanu yonke kodwa lokho kusuke kungasho lutho uma ungeke uyiwine.

Imidlalo yangempelasonto ingase ishintshe izinto esicongweni. Njengamanje iSundowns ihlezi eqhulwini ngamaphuzu angu-48, bese ilandelwe Usuthu ngawu-47.

AmaBrazilians azobhekana ne-Orlando Pirates ngempelasonto kanti AmaZulu azogadulisana neLamontville Golden Arrows.

Njengoba ngichazile akulula ukusho ukuthi yiliphi iqembu elizowina kulesi sikhathi sesizini ngoba wonke alwela izinto ezihlukene.

Uma kungenzeka ngebhadi layo iSundowns idlale ngokulingana nePirates bese AmaZulu awine kuBafana Bes’thende, kungashaya isonto elizayo Usuthu seluhleli phezulu nokuyinto engafaka enkulu ingcindezi kumaBrazilians.

Kusezandleni zeSundowns ukuwina iligi kodwa kusengenzeka noma yini okwamanje. Singase sibone ifilimu esiyibone ngesizini edlule sekusongwa isizini. Shwiii!!

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.