SHWIII!: Kuyajabulisa ukubona Usuthu lungaviki izembe

Abadlali baMaZulu FC

SIHLE NDLOVU

Ngokujwayelekile ngalesi sikhathi sesizini AmaZulu FC asuke ebalwa namaqembu avika izembe, sekulokhu kubhekwa ukuthi uma engawina imidlalo ethile asengazithola esinda ekugawulweni yilona.

Bekwala noma eyiqale kahle isizini AmaZulu kodwa uthole ukuthi uma sekusele imidlalo emihlanu isongwe abamba ayayeka, asikho isiqiniseko sokuthi azobe edlala esigabeni esiphezulu ngesizini elandelayo.

Njengeningi lamaqembu agcina edliwe yizembe Usuthu belushintshishintsha abaqeqeshi, uthole ukuthi selucijwe abaqeqeshi abathathu ngesizini eyodwa.

Njengoba kusele imidlalo eyisishiyagalolunye (emaqenjini amaningi) ukuthi kusongwe isizini, kubukeka sengathi yiphupho ukuthi AmaZulu ahleli kunombolo 3 kwilogi yeDStv Premiership. Ungathi kuzothiwa kuyadlalwa nje ilogi yangempela isazovezwa.

Okuhlaba umxhwele kakhulu ngesimo saMaZulu ukuthi ngemuva kwawo kukhona amaqembu avamise ukubanga isicoco seligi uma seziya ngasemaphethelweni. Lapha sibala iSuperSport United ne-Orlando Pirates.

Ayiphathwake eyeKaizer Chiefs ekude le ezansi kwilogi. Empeleni Amakhosi asele ngamaphuzu angu-13 wonke kuMaZulu, futhi awekho amathuba okuthi ayoke alufice Usuthu kule sizini.

Kuyazicacela ukuthi mkhulu msebenzi owenziwe kuMaZulu kule sizini ka-2020/2021. Kusukela kuqala isizini ngesikhathi kuvela ukuthi AmaZulu asedayisiwe, kuqalile kwabonakala ushintsho olukhulu. Kungenzeka ukuthi abanye babebona sengathi uyagagamela usihlalo waMaZulu, uSandile Zungu, ngesikhathi ethi ufuna Usuthu luqede isizini lubalwa namaqembu amane aphezulu kwilogi yePremiership.

Nakhoke kubukeka sengathi kuzokwenzeka lokho ngoba Usuthu luhleli endaweni yesithathu nje, yingoba ludlala elihle ibhola leli futhi luwina imidlalo ilandelana, okuyinto ehlula amaqembu afana neChiefs kule sizini.

Kumele anconywe kakhulu umqeqeshi waMaZulu uBenni McCarthy nabadlali bakhe, okuzicacelayo ukuthi basebenza ngokukhulu ukuzikhandla. UBenni uhlale egcizelela ukuthi kuhle ukuxhumana phakathi kwakhe nabadlali nokuyinto okungelula neze ukuyiphikisa uma ubheka imiphumela yeqembu.

Vele imiphumela ihlale izoba mihle uma kukhona umoya wokuzwana eqenjini kungekho odonsa abhekise lapho ethanda khona. Ngakolunye uhlangothi uZungu kumele anconywe kakhulu ngokushaya kwakhe iphakethe athenge abadlali abasezingeni eliphezulu asebenze Usuthu lwahlonipheka.

Kuyacaca ukuthi lo sihlalo akathenganga AmaZulu ngoba nakhu eshiswa yimali noma efuna ukuthatha amashansi. Kusobala ukuthi ubesehlele kahle ukuthi yini afuna ukuyenza ngoSuthu.

Kungakuhle kakhulu ukuthi AmaZulu ayisonge kahle isizini ngoba mkhulu kakhulu lo msebenzi asewenzile. Ngiyazama nje ukucabanga ukuthi agcina nini AmaZulu ukudlala kwiTop 8, akufiki kona emqondweni. Lokhu kwenziwa yikona ukuthi Usuthu belusebenzela ukungadliwa yizembe isikhathi esiningi, hhayi ukulwela ukuqeda kwiTop 8.

Lolu shintsho olubonakala kuMaZulu kumele luqhubeke nangesizini ezayo kungabi nje umlilo wamaphepha. Kungakuhle ukuthi uma kukhulunywa ngaMaZulu abalwe njengelinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika ngoba vele ngokomlando kunjalo. Muhle umsebenzi obonakala kuMaZulu, sekushoda kona nje ukuthi abalandeli bavunyelwe ukubuyela ezinkundleni ukuze bajabulele impumelelo yeqembu labo. Iphelile indaba yezembe manje kuMaZulu, sekukhulunywa ngeTop 4. Shwiii!!

USihle Ndlovu ungumhleli weMpempe

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.