Sibheka la zizoshukana khona kwiBafana neBlack Stars

Sibheka la zizoshukana khona kwiBafana neBlack Stars
UKeagan Dolly
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter 

Zizoshukana futhi kungahluleka ngisho iphanta elidala ukuqagula ozowina uma iGhana seyigadulisana neBafana Bafana eCape Coast Stadium ngeSonto.

Iyodwa into ezobe ibhekwe yiGhana uma seyibhekene neBafana kulo mdlalo wokugcina esigabeni samaqoqo kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba – ukuwina.

IBlack Stars iphoxekile nje ibambana ne-Ethiopia ngoLwesine okuyenze yalandela iBafana ngamaphuzu amathathu eoqqweni labo (Group G).

Into engayenza idlulele phambili manje wukuthi iyishaye iBafana uma sebebhekene eCape Coast Stadium ngeSonto ebusuku.

Uma ingakwenzanga lokho sekomele isale isizikhotha amanxeba yazi ukuthi izoyibukela ikude iNdebe yoMhlaba eseQatar ngonyaya ozayo.

IBafana iyazi ukuthi seyiseduze kakhulu futhi into eyidingayo yona kulo mdlalo wukungahlulwa nje qha.

Yikho lokhu okuzokwenza lo mdlalo ushube kakhulu futhi ukhange ngoba alikho elizimisele ukwehlulwa.

Njengoba sibheke kulo mdlalo omqoka kuwo womabili lamaqembu, lapha sibheka la zingase zishukane khona nabadlali abangase bawine lo mdlalo.

UDaniel Amartey v uKeagan Dolly

UDolly usanda kubuyela kwiBafana kodwa ukhombise ukuba sefomini nasemuzweni omuhle bebhekene neZimbabwe.

Nguye owakhe igoli iBafana ewine ngalo kwiZimbabwe futhi ucishe walishaya naye elakhe njengoba ebeyiphela endlebeni.

Ubuhlakani bakhe cishe buzome bugadwe ngeso lokhozi nguDaniel Amartey uma iGhana ifuna ukuqiniseka ukuthi akenzi monakalo.

Ubuholi namava ka-Amartey kubhekwe kuhlale obala kulo mdlalo ukuze kusize iBlack Stars ingaphoxi.

UMohammed Kudus v uTeboho Mokoena

UMohammed Kudus akadlalanga kahle bebhekene ne-Ethiopia, kodwa noma kunjalo uke wakhombisa ubungozi ngasekuqaleni komdlalo.

Ikhono lakhe lokushibilika aphume ngapha nangapha kwezitobha lizomsiza kakhulu kwiBafana.

FUNDA NALA: IGallants seyiqashe uMalesela, kodwa ayicacisi ngoMdaka

Uvele ke unomlando omuhle uma ebhekene neBafana njengoba ashaya igoli lakhe lokuqala bebhekene nayo kuyo le nkundla okuzodlalelwa kuyo.

Kunzima ukumvimba uma esemuzweni ofanele kanti kungenzeka iBafana ithume uTeboho Mokoena ukuba amgade.

UKamaldeen Sulemana v uRushine De Reuck

Ijubane likaKamaldeen selimenze omunye wabadlali abaphambili kwiFrench Ligue 1 kodwa ke ayikabonakali leyo fomu yakhe kwiBlack Stars.

Yize kunjalo, uyingozi iBafana okuzomele iyigadisise ikakhulukazi njengoba lo mdlalo unguwafawafa nje.

URushine De Reuck cishe nguye ozonikwa umsebenzi wokuqapha lesi sikhwishikhwishi.

Waba nenhlanhla eDe Reuck ukuthi angatholi ikhadi elibomvu emdlalweni womlenze wokuqala njengoba ayexakwe nguJoel Fameyeh.

KuSulemana ubhekene nenkinga enkudlwana ngoba unekhono lokujika adlule uma ebhekene nomdlali ngqo.

Into ecacayo ngalo mdlalo wukuthi kubhekene izimbodla futhi zizoshukana zikhiphane inkani.

Olunye ulwazi olushicilelwe lapha luthathwe kwiGhanasoccernet.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.