Sidalula ongase athathe isikhundla kwi-Arrows eshiywe uNcikazi

Sidalula ongase athathe isikhundla kwiGolden Arrows eshiywe uNcikazi
Abadlali beGolden Arrows
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kuthuse abaningi ukushiya isigubhukane kukaMandla Ncikazi kwiGolden Arrows ngemuva kokuba nesizini engenhle kakhulu kuleli qembu kusukela lanyukela esigabeni esiphezulu zebhola kuleli.

Abafana Bes’thende baqede endaweni yesine okokuqala kwiDStv Premiership, futhi kuke kwanesikhathi la bebebonakala bengagcina beqede ngisho endaweni yesibili.

Kodwa kuthe ngasekuqaleni kwaleli viki, leli qembu lathusa abaningi libika ukuthi selihlukene noNcikazi. Libe selimfihlela okuhle lapho eya khona.

Impempe yabe isiphenya, yasheshe yathola ukuthi lo mqeqeshi uthole amadlelo aluhlaza kwi-Orlando Pirates egcine imethulile emphakathini ngasekupheleni kweviki.

Manje umbuzo osusele ngowokuthi ngabe ngubani i-Arrows ezovala ngaye isikhala salo mqeqeshi obesehlale isikhathi eside kulo. Ophenyweni lwethu, sigcine sikutholile ukuthi yize izicelo zomsebenzi ezivela kubaqeqeshi abehlukene zongena nsuku zaphuma emahhovisi eqembu, ngeke liye ngaphandle.

Impempe ithole ngosendelene naleli qembu laseThekwini ukuthi kuzonikwa uMabhuti Khenyeza lo msebenzi. UKhenyeza ubevele eliphini likaNcikazi kuleli qembu. Futhi naye usehlale isikhathi eside kulo njengoba aqala kulo nokudlala ibhola ezigabeni ezikhokhelayo.

“USis’Mato ufuna ukumnika ithuba abone ukuthi yini angayenza. Uxoxisane noNcikazi kabanzi ngalokhu, wakhombisa ukumethemba ukuthi angaqhubeka nalo msebenzi abebewenza uma nje ezothola ukwesekwa ngabaphathi.

“Ziningi zicelo esezingenile, abaqeqeshi abehlukene bethembisa ukuthatha leli qembu benze ngalo okufanayo nokwenziwe nguBenni McCarthy kuMaZulu ngesizini edlule.

“Kodwa njengamanje ngathi ngeke banakwe ngisho ukunakwa kodwa umsebenzi uzonikwa uMabhuti ngoba vele uyabazi kahle abadlali,” kusho lona ocele singalivezi igama lakhe.

UKhenyeza uqale ukuqeqesha eyiphini likaMuhsin Ertugral kwiMaritzburg United. Wasuka lapho waya kuMaZulu waba yiphini. Ukusuka lapho waya kwiTS Galaxy la aba ngumqeqeshi wayo isadlala kwiGladAfrica Championship.

Kuthe uma yenyukela kwiPremiership ngemuva kokuthenga isitifiketi seHighlands Park, wabuyeka ‘ekhaya’ kwi-Arrows. Nokho namanje kuthiwa uTim Sukazi, ongumnikazi weTS Galaxy usakhala ngokuhamba kwakhe.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.