Sife olwemziba isibhakela sakuleli ngokushona kukaMzimasi Mnguni – Magudulela

UMzimasi Mnguni obengumhleli ovelele wezimpi zesibhakela

OKADONGA GUMBI

“Hhawu! Hhawu! Hhawu! Hhayi mina ke phela uMzi iyona ngqalabutho eyangifundisa isibhakela…” Ukhale kanje uThulani Magudulela ongumhleli wezimpi ogqamile waseThekwini uma ezwa ukuthi ziyiqiniso ngampela izindaba abesanda kuzizwa zokushona kukaMzimasi Mnguni.

UMguni – obengumhleli wezimpi – ushone ngoMgqibelo ekuseni ngemuva kokuxineka isikhathi eside okwaqala ngemuva kokuba eshaywe yisifo senhliziyo ngo-2014. Ubeseneminayaka engu-73 ngesikhathi kufika isikhathi sakhe sokushiya kulo mhlaba.

UMagudulela uthi kuwe insika yesibhakela kuleli ngokushona kukaMnguni ngoba akekho oyophinde avale isikhala sakhe noma abe nothando lwamankomane njengaye.

“Uyabona ngaqala ukusebenza naye ngingumqhathi wezimpi ngaphansi kwakhe. Wayekholelwa kakhulu kimi, engitshela ukuthi ngiyoba ngumhleli wezimpi ophambili ngelinye ilanga.

“Wayehlala engiphrofetha ngalokho. Manje… Ey ey ey… sasebenza ke isikhathi eside. Ngafunda okuningi kuye. Ukuthi umpetha uqalwa kuphi futhi kanjani ngakufunda kuye.

“Hhayi! Hhayi! Hhayi! Uyabona nje, eqinisweni nje – uma ngikhuluma iqiniso elimsulwa – umuntu obesasele wesibhakela uyena uMzi ngoba noNick Durandt kade azishonela.

“Laba abanye abenzi ngendlela ngoba uma kuthiwa ungumhleli wezimpi kumele ube nejimu yakho la ukhulisela khona abashayisibhakela bakho,” kukhala uMagudulela weLudonga Boxing Promotions.

“UMzimasi umshayisibhakela ubemqala esigabeni sama-amesha, anyuke naye njalo aze amenze umpetha. Ubehlala enama-amesha, ngasebelwa ezingeni elikhokhelayo nompetha estebeleni sakhe. Ubewujikelele,” kuphetha uMagudulela obesathukile yilezi zindaba.

Phakathi kwabashayisibhakela abaphuma esandleni sikaMnguni bagcina bengamaqhawe esizwe futhi bengompetha bomhlaba, singabala oVuyani “Beast” Bhungu, Masibulele “Hawk” Makepula, Mhikiza “Showtime” Myekeni noZolani “Untouchable” Marali.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *