Sifuna ukuwina konke okuphambi kwethu, kusho uMaema weDowns

Sifuna ukuwina konke okuphambi kwethu, kusho uMaema weDowns
UNeo Maema noTeboho Mokoena
OkaDonga Gumbi

UNeo Maema usevele  uwine izicoco ezimbili kwisizini yakhe yokuqala kwiMamelodi Sundowns yize eseDStv Premiership bengakasinikwa ngokusemthethweni.

UMaema ufike kwacaca kwiSundowns njengoba ebe nesandla ekutheni iwine iMTN 8 obekuyindebe ebisiyihlule isikhathi eside.

Lo mdlali oyinxele usayine kuMasandawana esuka kwiBloemfontein Celtic ekuqaleni kwale sizini kanti akumthathanga isikhathi eside ukuthi athole ijezi.

 

Nokho kuthe esengomunye wabadlala njalo waphazanyiswa wukulimala. Kodwa useluleme futhi usekulungele ukusiza leli qembu liqoqe konke okuphambi kwalo.

Kwiligi yakuleli iSundowns inegebe lamaphuz angu-18 okungaba yinqaba yesimanga uma lingagcina livalekile.

UMaema uthi abakadeli yizicoco futhi sebezibekele ukuthi bafuna ukuwina yonke imidlalo abazoyidlala.

“Kungaba wukufezeka kwamaphupho kimi (ukuwina iligi). Ukucabanga nje ngokuthi kungenzeka kungenza ngijabule kakhulu.

“Sizolwa kuze kube sekugcineni ngoba sisenokuningi esifuna ukukufeza ngakho yonke imidlalo ibalulekile. Sifuna ukuwina lesi sicoco nayo yonke imidlalo esele,” kusho uMaema.

ISundowns isalelwe yimidlalo eyisishiyagalombi kwiligi kanti olandelayo izogadulisana kuwo neMaritzburg United eHarry Gwala ngoMgibelo ngo-7.30 ebusuku.

FUNDA NALA: UMthembu ulungiselela ukudla iTwo Oceans neComrades Marathon

“Ngikholwa wukuthi siwuqale kahle kakhulu unyaka futhi sibhekana nomdlalo ngamunye ukuqedela le midlalo esele kwiligi.

“Akukaze kwaba lula ukubhekana neMaritzburg ekuhambeni kodwa sineqembu elikwaziyo ukuthola amaphuzu aphelele noma kuphi.

“Abaqeqeshi bahlezi benza okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi siwulungele ngokuphelele umdlalo.

“Siyasizana enkundleni kanti lokho kuyasisiza ekutheni sikwazi ukugqobhoza ngisho ngabe bavale kahle kanjani.

“Sizoqhubeka nokuzimisela ngokufanele futhi sizolwa ukuqinisekisa ukuthi sibuya nawo ephelele amaphuzu.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.