Sifunde kanzima sishaywa yiPirates, kuzikhalela oweSuperSport

UJamie Webber
Sihle Ndlovu

Umdlali weSuperSport United, uJamie Webber, uthi bafunde isifundo ngesikhathi beshaywa yi-Orlando Pirates kade behamba phambili ngoLwesithathu.

ISuperSport ithuse abalandeli beBucs ishaya amagoli amabili emizuzwini engu-20 yokuqala emdlalweni weDStv Premiership, e-Orlando Stadium. Nokho iPirates igcine iwine lo mdlalo ngo 3-2.

“Siye emdlalweni wethu nePirates sinokuzethemba okukhulu. Sishaye amagoli amabili nokuyinto ebe yinhle kakhulu kithina,” kusho uWebber.

“Ngicabanga ukuthi ngemuva kwalokho asibange sisagxila emdlalweni, nokuyilapho sibanike khona amaphenathi amabili. Kumele sifunde kulokhu, ukuthi singayeki ukugxila emdlalweni.”

IPirates ibiye kulo mdlalo ingayazi iwini ku-2022, futhi ibihluleka nawukushaya amagoli. Nokho ukubuya kwayo seyilandela ngemuva ngo 2-0 kuyimangaze kakhulu iSuperSport.

“Bekungafanele sibadedele bashaye igoli kungakayiwa ngisho ekhefini. Kumele sifunde kulokho,” kusho lo mdlali.

“Bekungakuhle ukube sigcine ibhola kithina isikhathi esiningi emdlalweni. Lokho bekuzobavimba ukuthi bashaye amagoli, ngoba ngeke bawashaye uma ibhola lingekho kubona.”

ISuperSport izozama ukubuya ngamandla uma seyibhekene neTS Galaxy koweligi eMbombela Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

“Kuzoba umdlalo onzima lowo njengoba sizobe sidlala ekuhambeni. Ngiyazi ukuthi bebengenzi kahle kule sizini futhi balwela amaphuzu.

“Kunzima kakhulu ukudlala neqembu elisemsileni. Lawo maqembu alwa ngayo yonke indlela futhi asebenza ngokukhulu ukuzimisela.

“Nokho nathi kumele sibhukule ngoba sishayiwe emdlalweni wethu odlule. Sinakho ukungawubambi umgqigqo kodwa sinethuba lokukulungisa lokho ngoMgqibelo.”

IRockets iyibambe endaweni yesibili ukusuka emsileni, ngakho akungabazeki ukuthi izolwa emdlalweni wangoMgqibelo ukuze izame ukubalekela izembe.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.