Sigadla kwabasebancane ukuze balandele iDowns, kusho uMokwena

Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, uthi abantu abasha nakanjani bazolandela leli qembu laseChloorkop uma liqhubeka lenza kahle.

Usho lokhu ngesikhathi iqembu likhangisa ngezindebe zalo ePitoli ngoLwesithathu. ISundowns iwine iMTN 8, DStv Premiership neNedbank Cup ngesizini ka-2021/2022.

Lokhu kube yinto enkulu kakhulu yize leli qembu lingakwazanga ukuwina iCAF Champions League njengokwesifiso salo.

UMokwena uthe bavakashela izikole ngoba befuna ukwandisa abalandeli beSundowns.

“Siyaqhubeka nokusebenza kanzima ukuze siqhubeke nokukhulisa umndeni weMamelodi Sundowns,” kusho uMokwena.

“Indlela esenza ngayo kwiSundowns ukuthi singene esizukulwaneni esisha nengicabanga ukuthi umqomdo omuhle.

“Isizukulwane esisha asizinaki izinto eziningi futhi asigxili emlandweni. Nakanjani uyakwazi ukubaheha ngokuthi uphumelele. Ikusasa leSundowns lisesizukulwaneni esisha.”

UMokwena ugcizelele ukuthi ngesizini ezayo bafuna ukuvikela izindebe abazithathile.

“Ngesikhathi kuqala isizini besifuna ukuwina izindebe ezine okuyinto enzima kakhulu. Ukuwina ezintathu kuyinto enhle kakhulu,” kusho uMokwena.

“Isizini ezayo izoba nzima ngoba izimbangi zethu zizobhukula, ngakho umehluko ngeke ube mkhulu uma kukhulunywa ngokuncintisana.

“Sizophinde silwe ukuqinisekisa ukuthi sivikela izindebe zethu bese siphinde sizame ukudlala kahle kwiChampions League.”

Abafana Ba-Style bazoyibamba kwiChampions League neCape Town City elale isibili kwilogi yeDStv Premiership.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.