Sigcine sifezekile isifiso soweDyanamos iqhathwa neSundowns

Sigcine sifezekile isifiso soweDyanamos iqhathwa neSundowns
OkaDonga Gumbi

Unozinti weSummerfield Dynamos wakhomba ukuba nesibindi ethi ucela bakhishelwe eshashalazini neMamelodi Sundowns kwiNedbank Cup.

Lo nozinti, uBonga Masoga, wakusho lokhu ngemuva kokukhipha kwabo Uthongathi FC emzuliswaneni kulo mqhudelwano.

Ebuzwa ukuthi ngabe likhona iqembu elibanukelayo emzuliswaneni olandelayo, uthe: “Likhona, sifuna iSundowns. Sinikeni yona sibone senza njani.”

Nokho asifezekanga lesi sifiso sakhe ngaleso sikhathi njengoba baqhathwa nelinye iqembu elidlala kwi-ABc Motsepe League iBlack Eagles.

Bakwazile ke ukudlula kuyo ngeSonto ntambama yize beze bawina sekuvalwe amehlo futhi abaningi sebebona ziyolanyulwa amaphenathi.

Kodwa kuthe ngoMsombuluko seziqhathwa safezeka isifiso sikaMasoga njengoba benikezwe iSundowns abazoyivakashela ePitori.

Omunye umdlalo obuzoheha amehlo awenzekanga njengoba zingaqondananga izinkunzi zaseLimpopo iMarumo Gallants neTshakhuma FC.

FUNDA NALA: Ubanjwe ezama ukubaleka oweBucs oboshelwe ukushaya intombi

IGallants yiyo evikela lesi sicoco yize sawinwa yiTshakhuma eyabe seyiyidayisela isitifiketi salo sokudlala esigabeni esiphezulu.

ITshakhuma izogadulisana neSuperSport United eyayiwashisa ijezi ngesizini edlule ngesikhathi ibheke ekunqobeni lesi sicoco.

IGallants yoba izohubhana nezikaKgoloko Thobejane iBaroka FC. IRoyal AM, esingelinye labhekwe ekutheni adle lesi sicoco izobhekana ne-University of Pretoria edlala kwiGladAfrica Cham[ionship.

Imidlalo: Mamelodi Sundowns v Summerfield Dynamos; Marumo Gallants v Baroka FC; Tshakhuma FC v SuperSport United; Royal AM v University of Pretoria.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *