Sinabadlali basemuva abangcono kunoNgcobo, kusho uBaxter weChiefs

Sinabadlali basemuva abangcono kunoNgcobo, kusho uBaxter weChiefs
OkaDonga Gumbi

UStuart Baxter ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke aze amdlalise yena emuva uNjabulo Ngcobo kwiKaizer Chiefs.

Lo mqeqeshi osenyamanambana kubalandeli uthi uNgcobo kumele azikhombise ukuthi ungumdlali ofanelwe wukuba yisitobha esifanelwe ukuqala imidlalo emuva.

Lokhu ukusho nje lo mdlali oneminyaka engu-27 nguye oqokwe njengovelele kwabasemuva ngesizini edlule kwiPSL ngesikhathi esadlala kwiSwallows.

UBaxter umsebenzisa esiswini uNgcobo kanti usaqhubeka nokusebenzisa u-Erick Mathoho noDaniel Cardoso emuva okuyinto ebacikayo abanye babalandeli beqembu.

Kunezinkulumo zokuthi uNgcobo akeneme ngale ndawo adlaliswa kuyo nguBaxter kwazise iyamswaya futhi akayijwayele.

“UNgcobo unesixembe sesilonda sokusha engingakaze ngisibone komunye umdlali phambilini,” kusho uBaxter ebuzwa ngalo mdlali.

“Ubengajimi futhi usekude ukubuya yingakho ebengekho kubadlali esikhethe kubo abazodlala kulo mdlalo (wangempelasonto).

“Uma efuna ukudlala emuva, uzodlala khona uma kunguye okhombisa ukuthi ungcono kunabo bonke abadlali basemuva esinabo.

“Akwamanje akangcono kunalaba esibadlalisayo yingakho simsetha esiswini nje. MIna ngicabanga ukuthi yena ufuna ukudlala noma kuphi lapho eboshelwe khona, yilokho angikhombisa khona mina.

“Nginesiqiniseko sokuthi uma engazikhethela engayodlala emuva kodwa ke kumele akukhombise kuqala kimi ukuthi ukufanele ukuboshelwa lapho.

FUNDA NALA: UJele uchazekile ngobuqhawe bePirates ewina kunzima kwiSauora

“Uthikanyezwe wulimala okulokhu kumhlasela, okwenza elokhu evela abuye anyamalale eqenjinikanti lokhu kwenza kungabi lula kuye njengoba kuyisizini yakhe yokuqala kwiKaizer Chiefs.

“Ngeke ngimxine. Ngizothatha isikhathi sami ngilokhu ngumbheka ukuthi uqhuba kanjani. Bekomsiza ke ukuba akanaso lesi silonda sokusha anaso esimenza angakwazi nokuhamba kahle.

“Ukube akanaso ngabe uyangikhombisa ejimini ukuthi nguye okumele adlale emuva futhi ukufanele ukuthola indawo eqenjini.”

Ngempelasonto uBaxter uqale ngoThabani DUbe noCardoso emuva kanti uMathoho yena ubesebhentshini.

Amakhosi ahluliwe kulo mdlalo eshaywa yiTS Galaxy ngo 1-0 okuchaze ukuthi kuphelile ngamaphupho endebe kuleli qembu kule sizini.

Abadlali baphambili beGalaxy babuveze obala ubuthaka beChiefs emuva njengoba bebezigelezela nje bebhekene emapalini ayo.

Kuzothatha amehlo ke ukubona ukuthi uBaxter uzolithaka kanjani iqembu uma esebhekene neCape Town City emdlalweni weDStv Premiership eKapa ngoLwesibili kusihlwa.

Uma imiphumela ingaphinde imphike lo mqeqeshi, izikhalo zabalandeli zokuthi makachithwe zizokwanda kakhulu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.