Sinaso isipanela sokuqinisa amabhawodi axegayo kuMbule: Rulani

Sinaso isipanela sokuqinisa amabhawodi axegayo kuMbule: Rulani
USipho Mbule nozakwabo kwiMamelodi Sundowns uSiphelele Mkhulise
Sbongs Gumbi

URulani Mokwena uthi bebengadidekile ngesikhathi besayina uSipho Mbule oneganyana elibi lokuhlulwa wukuziphatha ngoba banaso isipanela sokuqinisa amabhawodiaxegayo kuye.

Lo mdlali ungomunye wabambalwa abasayinwe yiSundowns njengoba kulungiselelwa isizni entsha la kubhekwe ukuthi leli qembu liqhubeke nokuzitamuzela.

UMbule udayiswe yiSuperSport nje kungenxa yokuthi wasukwa yiconsi esesho amashushu ngokufuna ukuhamba kuleli qembu.

Kwaze kwagcina ngokuthi amiswe ngenxa yakho ukungalaleli kwakhe. Kuke kwavela namahlebezi okuthi uyashesha nasezinkambei zikaFaro.

Kodwa noma kunjalo, uMokwena uthi bazowaqinisa amabhawodi axegayo kulo mdlali, bamsize afike ezingeni eliphezuluelibhekwe kuye.

“Sizimisele ukumsiza, siyakholelwa kuye. Sizomeseka ngayo yonke indlela ayidingayo ukuze kusebenzeke kahle naye,” kusho uMokwena.

“Sinethemba lokuthi senze into efanele ngokumlanda. Sijabule ngokuthi ukhethe ukubuyela kithi futhi siyathemba sizokwazi ukumbuyisela endleleni efanele, simenze umuntu ongcono.

“Sesivele simazisile izinhlelo esinazo ngaye. Mningi umsebenzi okumele awenze ukuze afike ezingeni elimfanele.

FUNDA NALA: Abuyise isithunzi, aletha nenjabulo amaqembu esizwe akuleli

“Siyalazi sonke ikhoni lakhe. Ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi ubengeke afike kuleli zinga akulo ukube ubengenalo ikhono.

“Usedlalile nakwiBafana Bafana nasemaqenjini esizwe abafana abasebancane. Siyakwazi akwazi ukukwenza futhi sesibheke ukuba simjwayeze indlela yethu la eqenjini.

“Uzokwandisa ukuncintisana ngezindawo futhi ufika nokuthile ebesingenakho kubadlali basesiswini phambilini.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *