Singaphuma nomphumela omuhle,’ kusho uZuma weChiefs

UDumisani Zuma

OKADONGA GUMBI

Ukholwa wukuthi bengayisunduza iSimba SC bese bedlulela kweyandulela owamanqamu kwiCAF Champions League uDumisani Zuma.

Lo mdlali uthi ukudlulela kwabo esigabeni esilandelayo kulo mqhudelwano kuncike emphumeleni abazowuthola emdlalweni wabo wasekhaya.

Amakhosi azobhekana neSimba yaseTanzania eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Uma engawina kulo mdlali, lokho kungawanciphisela ingcindezi uma eseya emdlalweni wasekuhambeni ngoba ayobe esedinga ukudlala ngokulingana.

“Okokuqala iKaizer Chiefs ifike esigabeni womkhumulajezi kwiCAF Champions League,” kusho yena. “Singabadlali siyalijabulela kakhulu leli thuba futhi siyilungele inselelo eliza nayo.

“Asikho kulo mqhudelwano ngoba sifuna ukubalwa ukuthi nathi sasikhona, sifuna ukuya kude. Umdlalo wethu wokugcina esigabeni samaqoqo neHoroya wawunzima kodwa wasikhombisa ukuthi uma siyifuna ngampela into singayithola,” kuqhuba yena.

Unethemba elikhulu lokuthi bengaphuma nawo umphumela omuhle, bazibeke ethubeni elingcono lokudlulela phambili.

“Singawuthola umphumela esiwufisayo. Siyazi ngeke kube lula, kodwa kumele sikusebenzise ukuthi sisekhaya ngoba kuyashuba ekuhambeni,” kuchaza uZuma.

Yize ifomu yaMakhosi ingeyinhle emidlalweni yakuleli, yenza okuhlukile kwiChampions League.

Izobe seyihlome nangomgadli wayo uSamir Nurkovic njengoba esesiqedile isigwebo sakhe sokumiswa kulandela ukuthola ikhadi elibomvu bebheke neWydad Athletic ekhaya ngenyanga edlule.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.