Singase sinyuke isibalo sadlala kwiDStv Premiership KwaZulu-Natal

IRichards Bay FC
Sihle Ndlovu

IKwaZulu-Natal inethuba elihle kakhulu lokuba namaqembu amahlanu kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

Konke lokhu kuzoncika ekutheni iRichards Bay iyabambelela yini esicongweni selogi yeGladAfrica Championship, nokuthi iLamontville Golden Arrows neMaritzburg United babaleka ngokuphelele ezembeni, ngokushesha.

INatal Rich Boyz isesicongweni ngemuva kokushaya iVenda Football Academy ngo 1-0 emdlalweni weligi ngempelasonto. Leli qembu laseBay selinamaphuzu angu-37, kanti kusele imidlalo eyishumi ukuthi kusongwe isizini.

Lilandelwa eduze yiPolokwane City neJDR Stars abanamaphuzu angu-34 emidlalweni engu-20.

Into engangabazisa abalandeli beBay ukuthi ingawudla umhlanganiso kule sizini, ukuthi iNatal Rich Boyz isike yadedela isicoco ekugcineni kumasizini edlule, yize yayihlezi eqhulwini sekusele imidlalo emihlanu ukuthi kusongwe.

Nokho likhona ithemba lokuthi bafundile kulokhu futhi bazozama nokugwema imidlalo yokuhlunga, babe ompetha beChampionship ka-2021/2022. Uma kwenzeka lokhu iKwaZulu-Natal izohleka yodwa ngoba kuyosho ukuthi imidlalo yeDStv Premiership izoza ilekenyana kulesi sifundazwe.

Njengamanje iRoyal AM naMaZulu FC sekucacile ukuthi ngeke badliwe yizembe. Iqembu okumele liqinise kakhulu emidlalweni esele yiTeam of Choice engaphephile okwamanje endaweni ka-12 ngamaphuzu angu-18.

IGauteng yisona isifundazwe esinamaqembu ayisithupha agijima kwiligi enkulu njengamanje. Lapha sibala iKaizer Chiefs, Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns, Swallows FC, SuperSport United neTS Galaxy.

IBay izobhekana nePolokwane emdlalweni weligi eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. Ukuwina kweNatal Rich Boyz kungasho ukuvula igebe esicongweni.

Imiphumela yeNFD:

Venda Football Academy 0-1 Richards Bay; TS Sporting 0-0 Tshakhuma Tsha Madzihvandila; Cape Town All Star 1-0 Cape Town Spurs; University of Pretoria 1-0 Leopards; Jomo Cosmos 0-0 Hungry Lions; Free State Stars 2-2 Pretoria Callies; Polokwane 2-0 Uthongathi FC; JDR Stars 1-2 Platinum City Rovers

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.